Kamogelo Muvhenzhe
UCarl Niehaus osenesikhathi eside eseka uJacob Zuma, umisiwe emsebenzini ngokushesha yiqembu lakhe i-ANC.
Lowo okhulumela uMkhonto weSizwe Military Veterans Association (MKMVA) umisiwe emsebenzini ngokusho kwencwadini esayinwe yilowo obambile njengonobhala jikelele weqembu, uJessie Duarte, ngoLwesithathu.
Isiphakamiso sokumiswa kwakhe kobulungu eqenjini sethulwe futhi semukelwa emhlanganweni okhethekile we-NEC ngoLwesibili.
Ukumiswa kukaNiehaus kulandele ukuphawula akwenze ngaphandle komuzi kaZuma eNkandla ngeSonto, lapho athe kuzoba nezinxushunxushu ezweni lonke uma lowo owayengumengameli eboshwa.
UNiehaus uphinde wathi i-MKMVA izokwakha isihlangu sabantu ukuvikela uZuma ukuthi angaboshwa, uma kudingeka.
UZuma ugwetshwe izinyanga eziyi-15 ebhadla ejele yiNkantolo yoMthethosisekelo ngokwehluleka ukuvela kwakhe enkantolo azokwethula ubufakazi phambi kwekhomishini ebhekele ukulawulwa kombuso.
Encwadini ebhalwe yi-ANC, ebonwe yi-Scrolla.Africa, leli qembu lithe: “IKomidi Eliphezulu Likazwelonke liqaphele ngokukhathazeka kwezinkulumo zakho ozenze ngaphandle komuzi wowayengumongameli uJacob Zuma eNkandla ngempelasonto mhla zi-2- kuya mhla zi-4 kuNhlangulana bukhoma kumabonakude, sase sifinyelele esiphethweni sokuthi amazwi anjalo alethele i-ANC ihlazo.
“Ngaphezu kwalokho, ubugqoke isikibha esinophawu lwe-ANC ngesikhathi uvela kumabonakude.”
UNiehaus uyaziwa ukuthi ungumuntu othanda izimpikiswano. NgoMasingana kulo nyaka, wasatshiswa ngokumiswa emsebenzini yiLuthuli House ngemuva kokuthi ehlasele uDuarte enkundleni yezokuxhumana.
NgoLwezi ngowezi-2019, wasuswa ngenkani ngamaphoyisa eKhomishini kaZondo ngenxa yokugqoka umfaniswano wamasosha angaziwa nokuzama ukungena kuleli bhilidi ukukhombisa ukweseka uZuma.
UNiehaus utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uzokuphonsela inselelo ukumiswa kwakhe.
“Ngimatasa nokubhala incwadi eya kwi-National Executive Committee njengoba sikhuluma nje,” kusho yena.
Umthombo wesithombe: @niehaus_carl