I-NBA izosatshalaliswa i-Afrika yonkana

Dylan Bettencourt

I-National Basketball Association (NBA) inohlelo lokufinyelela kubantu base-Afrika abasebenzisa ama-smartphone ukuze bandise ukuqwashisa ngezemidlalo ezwenikazi lonke.

Usozigidigidi uPrem Watsa utshale imali  engu-R15 billion kulo msebenzi, okuhloswe ngawo ukuthi izwekazi elinentsha emhlabeni lingene kulo mdlalo.

Abatshalizimali abaningi sebesekele lobu buchwepheshe, okuhlanganisa nowayenguMengameli waseMelika, uMnu Barack Obama, owazalelwa e-Kenya. Lo msebenzi uphinde wesekwa nguForest Whitaker owathola indondo ye-Oscar ngokudlala indawo yomashiqela wase-Uganda u-Idi Amin ngo-2006 kwifilimu ethi-The Last King of Scotland.

UTope Lawani, oyisikhulu esiphezulu sephrojekthi  yalo msebenzi i-Helios Fairfax, uthe maningi amathuba okukhula ezwenikazi lase-Afrika.

“Ezintweni eziningi utshalomali luhlanganisa amanye amaphuzu ebesiwaveza mayelana nezibalo zabantu kanye nobuchwepheshe,” kusho uLawani.

ULawani uthe ukwanda kokusetshenziswa kwama-smartphone ezwenikazi lonke kudonse amehlo abo.

“Ubuchwepheshe obuthengekayo buye benza izwekazi laba imakethe ebaluleke kakhulu ekusetshenzisweni kokuqukethwe nemikhiqizo,” usho kanje.

Inhloso yabo ngalolu hlelo akukhona nje ukuthola abantu abaningi base-Afrika abazobukela lo mdlalo kodwa ukuthola abantu abaningi base-Afrika abazodlala kwi-NBA.

“Uma ubheka i-NBA eminyakeni engu-20 edlule, kungenzeka ukuthi yayinabadlali ababili, noma mhlawumbe abathathu ababedabuka e-Afrika. Namuhla isibalo singaphezu kuka-50,” kusho uLawani.

I-NBA isivele inobudlelwano obukhulayo ne-Afrika njengoba umqhudelwano waminyaka yonke ubanjelwa edolobheni lase-Afrika, lapho abadlali abahamba phambili beligi bekhombisa amakhono abo.

U-Adam Silver, ukhomishana we-NBA usevele wadalula izinhlelo zokwakha ingqalasizinda efana namahhovisi, izinkantolo kanye nezinkundla zemidlalo i-Afrika yonkana.

Le ligi iphinde ibambisane ne-Basketball League Africa, umqhudelwano onamaqembu angu-12 aqhamuka emazweni ahlukene ase-Afrika. Iligi isizoqala isizini yesibili ngemuva kwesizini yokuqala ebe yimpumelelo.

Abasakazi bakuleli i-SABC ne-SuperSport baqale ukukhombisa imidlalo ye-NBA bukhoma ngonyaka odlule njengoba imakethe ye-NBA ikhula e-Afrika.

Umthombo wesithombe: @TheBorgenProject

Scrolla World Cup Quiz