I-NBA izama izindlela zokwenza abadlali bathathe umjovo we-Covid-19

Dylan Bettencourt

Njengoba i-Premier League isithule indlela abazokwenza ngayo ukuze kukhuphuke isibalo sabajovayo kubadlali, umbutho we-Basketball kazwelonke usuqhubeke phambili kakhulu ngokugqugquzela abadlali ukuba bajove.

Abadlali be-NBA abakhethe ukungawuthathi umjovo we-Covid-19 bazoba nohlu olude lwezinto abangeke bakwazi ukuzenza, kodwa abadlali abajovile bazothola inkululeko kule sizini ezayo.

Abezokuphepha kanye nezempilo be-NBA baxhumane namaqembu wonke ngoLwesibili bathi abadlali asebejovile bazohlolelwa i-Covid-19 uma ngabe kunezimpawu ezikhombisayo ukuthi sebethelelekile ngaleli gciwane.

Noma kunjalo, abadlali abangakajovi bazohlezi behlolwa ngaphambi kokuba baqeqeshwe noma badlale emdlalweni kunoma iyiphi yeligi.

Abadlali abangajovile angeke bahlale baphinde badle endaweni eyodwa nabadlali asebejovile, kanti futhi kumele banikezwe izindawo zokubeka izimpahla zabo eziqhelile kunalabo asebejovile. 

Kumele bahlale emagumbini ahlukene noma emahhotela ahlukene ngesikhathi semidlalo ukuze bagweme ukusondelana nozakwabo.

Abadlali abangajovile kuzomele bavalelwe izinsuku eziyisikhombisa bebodwa uma ngabe bake batheleleka nge-Covid-19, kodwa asebejovile bazokwenza lokho ngendlela engajwayelekile.

Osewine ka-4 i-NBA champion uLeBron James uthe uthathe isinqumo sokungajovi njengoba esanqikaza ngawo.

“Ngemuva kophenyo engilwenzile, ngizizwa ngizokwenza okulungele mina nomndeni wami kanye nabangani kusho uJames.

I-NBA isayigcinile indaba yokugqokwa kwezifonyo kule sizini yonyaka wezi-2021/22 okulindeleke ukuba iqale mhla ziyi-19 kuMfumfu.

Umthombo wesithombe: @SBNation

Izihloko zakamuva