I-NBA basketball izobukwa bukhoma kumabonakude

Dylan Bettencourt

I-SABC yengeza imidlalo engama-35 ye-NBA ohlwini lwayo, kuqinisekise umsakazi wendawo ngoLwesithathu.

I-National Basketball Association (i-NBA) iyiligi enkulu ye-basketball eMelika futhi isakazwa kabanzi emhlabeni jikelele.

“I-SABC Sport ikuthokozele kakhulu ukufaka iligi ejabulisa kakhulu futhi ehlonishwayo emhlabeni ukuthi ibukwe bukhoma esiteshini sezemidlalo. Siyazi ukuthi kukhona abalandeli bezemidlalo abathanda i-basketball eMzansi,” kusho imenenja jikelele ye-SABC Sport, uGary Rathbone.

I-NBA ibambisene nezwekazi lase-Afrika ukusingatha umcimbi we-NBA Africa kanye ngonyaka kanti ukusakazwa kwayo ku-SABC kuthuthukise ubudlelwano babo nezwekazi.

I-SABC izosakaza bukhoma imidlalo ye-NBA ngosuku lukaKhisimusi, okungumdlalo we-NBA All-Star, iNkomfa kanye nowamanqamu ngokwesivumelwano  esiyingqophamlando.

URathbone uthe banethemba lokuthi ukusakaza imidlalo ye-NBA komabonakude baseNingizimu Afrika kuzokhuthaza isizukulwane esilandelayo sabadlali be-basketball ezweni lonke.

UMphathi we-NBA Africa, uVictor Williams uthe bakubheke ngabomvu ukuletha isasasa le-NBA kubalandeli baseNingizimu Afrika.

“Kuyingxenye yokuzibophezela kwethu okuqhubekayo ekwenzeni ukuthi i-basketball ifinyeleleke kalula kuzwekazi lonke,” esho.

Imidlalo ye-NBA ezodlala bukhoma izoqala ukusakazwa mhla zingama-30 kuMfumfu lapho i-Washington Wizards izodlala khona ne-Boston Celtics ngehora le-11pm . Uhlelo oluhlukile lwephephabhuku oluthi-“NBA Action” nalo luzosakazwa bukhoma.

Umthombo wesithombe: @BasketballForever

Izihloko zakamuva