I-Morocco ne-Zambia zihlungele iNdebe yoMhlaba

Dylan Bettencourt

I-Morocco ne-Zambia zizobe zidlala kwi-Fifa Women’s World Cup ngonyaka ozayo ngemuva kokuwina kweyomkhumulahezi e-Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon).

I-Morocco ibe yizwe lokuqala eliseNyakatho ne-Afrika ukusingatha i-Wafcon yakulo nyaka kanti manje ibe izwe lokuqala kulesi sifunda ukuhlungela iNdebe yoMhlaba.

Ukuwina kwabo behlula i-Botswana ngo 2-1 ngoLwesithathu ebusuku kuqinisekise indawo yabo embukisweni ozobanjelwa e-New Zealand nase-Australia.

I-Zambia, nayo ehlungele iNdebe yoMhlaba okokuqala ngqa kanti unozinti wayo uHazel Nali ubongile ngemuva kokuthi bahlule i-Senegal sekukhahlelwa amaphenalthi.

I-Botswana kanye ne-Senegal bazothola elinye ithuba lokuhlungela kule mpelasonto njengoba abahlulwe kweyomkhumulajezi we-Wafcon bezobamba iqhaza emidlalweni yokuhlungela amaqembu amabili okugcina ase-Afrika aya kwiNdebe yoMhlaba.

I-Morocco itshale izigidi ebholeni labesifazane eminyakeni yamuva nje futhi ukuhlungela iNdebe Yomhlaba kwenza ukuthi ukutshalwa kwezimali kube mnandi kakhulu. Osokhaya abakaze bahlulwe kulo mqhudelwano.

I-Zambia iqhubekile nephupho layo. Ngemuva konyaka bedlale okokuqala kuma-Olympics, bafinyelele kwi-Wafcon yabo yokuqala futhi manje sebezodlala kwiNdebe yoMhlaba okokuqala ngqa.

Ukuthola indawo kowamanqamu we-Wafcon kanye nokuhlungela iNdebe yoMhlaba kuyancomeka kakhulu njengoba bengenaye umgadli uBarbra Banda ongaphumelelanga ezivivinyweni zokufaneleka kobulili ngaphambi kwalo mqhudelwano.

I-Zambia ihlule i-Senegal ngo 4-2 sekukhahlelwa amaphenalthi.

Izindawo ezimbili zokugcina zizonqunywa ngoLwesine uma iBanyana Banyana isidudulana ne-Tunisia kanye ne-Nigeria uma isidudulana ne-Cameroon.

Kulindeleke ukuthi iBanyana Banyana ne-Nigeria bangene ezindaweni ezimbili zokugcina kowandulela owamanqamu kodwa kungenzeka noma yini kulo mqhudelwano we-Wafcon.

Umthombo wesithombe: @CAFWomen

Izihloko zakamuva