Lubhalwe nguRazeen Gutta
I-Morocco ibonakale njengabamele izwekazi lase-Afrika ngesitayela ngesikhathi ihlula i-Belgium ehleli endaweni yesibili kwi-Fifa ngamagoli amabili eqandeni emdlalweni wayo wesibili wamaqoqo ngeSonto.
Ngemuva kwe-Brazil ohlwini lamazwe omhlaba, ama-Red Devils ase-Belgium abezokwazi ngaphambi komdlalo ukuthi ukuhlula leli qembu lase-North Afrika kuzogcina kubadlulisele esigabeni somkhumulajezi kwiNdebe yoMhlaba ye-Fifa.
Iqembu likaRoberto Martinez ligcine ibhola isikhathi esiningi sesiwombe sesibili, kodwa lehlulekile ukuhlakaza udonga lwe-Morocca ngobuchule.
I-Belgium ibingakujabulela ukudlala ngokulingana njengoba kunqatshwe igoli le-Atlas Lions elishaywe uHakim Ziyech odlalela i-Chelsea ngesiwombe sokuqala.
UYouri Tielemans kanye noDries Mertens bangene esikhundleni sabanye eqenjini lase-Europe kodwa kube ukushintshwa kwabadlali be-Morocco okube nomthelela omkhulu ngesikhathi u-Abdelhamid Sabiri enza ezibukwayo enkundleni yezemidlalo e-Al Thumama.
Bekungumzuzu wesi-73 ngesikhathi iNdebe yoMhlaba yakulo nyaka ibona igoli layo lokuqala nge-free kick ngegoli likaSabiri futhi bekungokokuqala ngqa ukuthi i-Morocco ishaye i-free kick emlandweni walo mqhudelwano.
Iqembu lase-North Afrika libukeke liqinile ukuthi lingawina kanti ngesikhathi esengeziwe lishaye igoli lesibili. UZiyech uphinde wasiza uZakariya Aboukhlal ukuthi ashaye igoli lesibili.
Lo mphumela uvule iqoqo washiya i-Morocco ingakahlulwa ngamaphuzu amane phezulu kanti ilandelwa i-Belgium endaweni yesithathu ngaphambi kokuthi i-Croatia ne-Canada zibhekane ngeSonto kusihlwa.
Esithombeni esingenhla: Iqembu lesizwe lase-Morocco
Umthombo wesithombe: @FifaWorldCup