I-Morocco iphumile kweye-Afcon

Dylan Bettencourt

Umlandeli obebukele umdlalo we-Egypt ibhekene ne-Morocco kuma-quarter final e-Afcon uhlaselwe isifo senhliziyo ngesikhathi iqembu lakhe lingenelwa yigoli eliqede umqhudelwano walo.

Umdlalo womkhaya waseNyakatho ne-Afrika ubushubile kanti injabulo ibinkulu e-Morocco ngesikhathi ithole iphenathi ebenze bazihola phambili ngo 1-0.

Kusuka lapho, i-Egypt ibiwuphethe wonke umdlalo futhi yaba nebhadi lokuya ekhefini ingenalo igoli. Kungakapheli nemizuzu engu-10 kuqale isiwombe sesibili, abase-Egypt bathole igoli labo lokulinganisa elishaywe uMohamed Salah.

La maqembu amabili abambane kwethulwa umoya imizuzu engu-90 kwaze kwafakwa isikhathi esengeziwe. I-Egypt igcine izohola phambili ngemuva kwebhola elihle elivela kuSalah elithole elihlangane noMahmoud Hassan Trezeguet walibhakuzisa enethini.

Imibiko evela e-Morocco iveze ukuthi owesilisa obebukela lo mdlalo edolobheni lase-Chichaoua, e-Marrakesh uhlaselwe isifo senhliziyo isigubhukane ngemuva kokuthi umdlali wasesiswini wase-Egypt uTrezeguet eshaye igoli lesibili.

Ikhehla livele lafadalala esihlalweni kodwa akekho noyedwa obonile ukuthi kwenzakalani kuze kwakhala impempe yokugcina.

Ngesikhathi bebona ukuthi lo mlisa usenkingeni, babize isithuthi seziguli kanti kamuva abezimo eziphuthumayo baye bathi useshonile, ngokusho kwe-Middle East Monitor.

Njengoba i-Morocco iphuma emqhudelwaneni, i-Egypt izibekisele indawo kowandulela owamanqamu lapho ezobhekana khona nosokhaya i-Cameroon ngoLwesine ngo-9 ebusuku.

Umthombo wesithombe: @EgyptToday

Izihloko zakamuva