I-Morocco iguqise i-Malawi

Dylan Bettencourt

I-Morocco iqede iphupho le-Malawi kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ngesikhathi iyishaya ngo 2-1. 

Umdlalo omangalisayo we-Malawi wokuqala kulo mqhudelwano ububukeka uzoqhubeka ngesikhathi umgadli we-Orlando Pirates uGabadinho Mhango eshaya igoli ekude. Abaningi bebengaphikisana ngokuthi bekuyisinqumo esingalungile, kodwa ibhola lindize langena ekhoneni lepali okwenze iqembu lakhe lahamba phambili ngesikhathi umdlalo usanda kuqala.

I-Malawi ibe isihlasela kakhulu esiwombeni sokuqala okubekeke ngathi izothola amagoli ngokushesha. Ukuhlasela ngokushesha kwayo kwenze yacishe yathola igoli lesibili.

Kodwa i-Moroco ayizange izibeke phansi iqhubekile nokufaka ingcindezi kwi-Malawi, kodwa imizamo ka-Charles Thom ibilingana nemizamo eminingi evela eNyakatho ne-Afrika.

Samsung Galaxy 14G

Kodwa-ke, esikhathini esengeziwe esiwombeni sokuqala, i-Morocco igcine ithole impumelelo, ngesikhathi uYoussef En-Nesyri eshaya igoli ngekhanda zaya ekhefini zintanganye.

Isiwombe sesibili siqale kancane, i-Atlas Lions ibidonsa kanzima ukuthola isigqi sayo ngesikhathi i-Malawi yona isemgqigqweni. Umdlalo udonse kwaze kwangathi uzoya esikhathini esengeziwe.

Umdlali we-Paris Saint-Germain u-Achraf Hakimi, ushayele iqembu lakhe igoli lokunqoba.

Igoli likaHakimi noMhango okwamanje asathathwa njengamagoli amahle kakhulu kulomqhudelwano. Akhona namanye amagoli amahle ashayiwe kwi-Afcon.

Nokho iMorocco kuzomele iphinde izibambe ziqine njengoba kusamele ibhekene nozonqoba phakathi kwe-Ivory Coast ne-Egypt njengoba kulapho izimbangi zabo zizoqhamuka khona, emdlalweni obhekwe ngabomvu we-quarter final. Lo mdlalo uzoqala ngeSonto ngo-6 ntambama.

Umthombo wesithombe: @433

Scrolla World Cup Quiz