I-Morocco ibheke kowamanqamu neBanyana

Dylan Bettencourt

I-Morocco vele isinakho okungayisiza njengoba ibheke kowamanqamu we-Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon) ngoMgqibelo.

Osokhaya bahlule i-Nigeria ngendlela esuse umsindo ngephenalthi ngoMsombuluko ebusuku ngemuva kokuthi umdlalo uphele ngo 1-1 ngemuva kwesikhathi esengeziwe.

Kodwa i-Nigeria inabadlali ababili abakhishwe ngokungabazekayo phakathi nemizuzu engu-90.

Umdlali wasesiswini uHalimatu Ayinde uye wakhishwa enkundleni kodwa yize i-Nigeria ibisidlala nabadlali abangaphelele ikwazile ukuhola umdlalo.

USanaa Mssoudy ulinganisele i-Morocco ngaphambi kokuthi umdlali wesibili we-Nigeria akhishwe ngekhadi elibomvu ngesikhathi uRasheedat Ajibade enikwa imiyalelo yokudlala kahle.

Abalandeli abaningana babone sengathi isinqumo sesibili sekhadi elibomvu sinonya futhi mhlawumbe yisona esithikameze umphumela.

I-Morocco ifake ingcindezi kunozinti wase-Nigeria kodwa uChiamaka Nnadozie ubeqinile futhi wavimba amabhola kahle.

Umdlalo uye kumaphenalthi lapho i-Morocco ewine khona ngo 5-4 nokwenza isiqiniseko sokuthi igama layo lizoba kulesi sicoco ngoMgqibelo.

Njengoba iBanyana iya kowamanqamu we-Wafcon, izoba izintandokazi ngenxa yokuhlonishwa kwayo kulo mqhudelwano kodwa i-Morocco izozizwa inento engayisiza.

Into ezobafakela kakhulu umfutho ngabalandeli abazobaseka ikakhulukazi njengoba bezodlala owamanqamu ekhaya.

Ukwehlula abawina amahlandla angu-11 kanye nokusekelwa ngokugcwele enkundleni kunikeza i-Morocco lokho ekudingayo ukuze ithathe isicoco se-Wafcon okokuqala ngqa emzamweni wokuqala.

Kodwa ukwesekwa kuza nengcindezi. I-Morocco izobhekane nengcindezi enkulu uma isingena enkundleni ngoMgqibelo ebusuku.

IBanyana nayo izoyizwa ingcindezi yokufuna ukuphakamisa isicoco okokuqala yize isingene kweyamanqamu amahlandla amahlanu.

Womabili la maqembu asefomini enhle kakhulu kodwa linye kuphela iqembu elizowina lesi sicoco sase-Afrika.

Umthombo wesithombe: @CAFWomen

Izihloko zakamuva