Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
- UMnuz Jacob Zuma neqembu lakhe baphonsela inselelo i-SABC enkantolo, bethi ukubiza uhulumeni oyinhlanganisela weDA-ANC “ngoHulumeni Wobumbano Lwesizwe” kuwukudukisa futhi kuphambene noMthethosisekelo.
- Bathi leli gama alibandakanyi izinhlangano ezibalulekile njenge-EFF neMKP, kanti i-SABC ivikela ukungathathi hlangothi kwayo, ithi ibika lokho uhulumeni azibiza ngakho.
OwayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma kanye neqembu lakhe loMkhonto Wesizwe banxuse iNkantolo eNkulu yase-Gauteng ukuthi ivimbele i-SABC ukuthi ibize uhulumeni wesikhombisa “ngoHulumeni Wobumbano Lwesizwe” (GNU) ngoMsombuluko.
Iqembu lithatha leli gama njengelidukisa izigidi zababukeli abathembele kumsakazelii womphakathi njengomthombo wezindaba.
Bathi ukusebenzisa leli gama kuhulumeni oyinnhlanganisela okhona njengamanje we-DA-ANC kuphambene nomthethosisekelo, kuyadukisa futhi “kuyigama elingelona iqiniso, njengoba umfelandawonye uvalela ngaphandle izigidi zezakhamizi ngamabomu”.
UZuma uphinde wahlobanisa lokhu “nokudweba okufanayo nemikhuba yokuvalela ngaphandle yombuso wobandlululo”.
I-GNU yasungulwa ngemuva kokhetho lwangoNhlaba, lapho amaqembu ehluleka ukuthola iningi futhi i-ANC yathola u-40.18% wokwesekwa kuzwelonke.
Ukwakha uhulumeni i-ANC yamema abalingani. Njengamanje i-GNU yakhiwe amaqembu ezepolitiki ayishumi, i-ANC, i-DA, i-IFP, i-PA, i-UDM, i-VF+, i-Rise Mzansi, Al Jama-ah, i-PAC kanye ne-Good Party.
Obemele uZuma enkantolo, u-Advocate Dali Mpofu uthe i-EFF neMKP bathola amavoti angu-25% ngesikhathi sokhetho kodwa abafakwanga ekubeni yingxenye ye-GNU.
“Lona ngomunye wemibandela eyabekwa yi-DA ngesikhathi ixoxisana ne-ANC. I-DA ithe ukufakwa kwala maqembu womabili abe yingxenye ye-GNU kuyofana ‘njengomfelandawonye oyoba inhlekelele’.
“Igama elithi ‘Government of National Unity’ laqanjwa kuphela ngemuva kokuthi i-ANC neDA besayine isitatimende senhloso; lona ngumshado phakathi kwe-ANC neDA.
“Isidingo sokubumba uhulumeni wobumbano kuzwelonke kumele kube ukuthi amaqembu athola u-85% kuya ku-90%,” usho kanje.
Emele i-SABC, u-Advocate Terry Motau ume ngelokuthi le nhlangano yezokusakaza ayiphulanga mithetho yokuhlela ngokubiza uhulumeni okhona manje ngokuthi “i-GNU”.
“I-SABC ibika amaqiniso ngokungachemi futhi ibiza uhulumeni ngalokho ezibiza ngakho. Akukho ubuthi; abazange batshelwe ukuthi kukhona i-GNU noma ukugunyazwa kokuthi ukusetshenziswa kwegama kulungile.
“Akukho futhi ukucindezelwa kweminye imibono yokuthi leli yigama eliphikisana nezepolitiki,” esho.
Isithombe ngenhla: Umholi we-MKP uJacob Zuma.
Umthombo: Kunikeziwe