I-MK ijabulela ukunqoba ecaleni le-akhawunti yasebhange elifakwe uKhumalo

Lubhalwe nguSihle Mavuso

UMkhonto weSizwe (MK) ukushayele ihlombe ukuhlula kwawo uJabulani Khumalo eNkantolo eNkulu yasePitoli.

UKhumalo ubefuna ukugcinwa njengomuntu onegunya lokusayinela i-akhawunti yase-Standard Bank yeqembu eliholwa nguMnuz Jacob Zuma ngoba ephikisa ukuxoshwa kwakhe eqenjini ngoMbasa.

Nokho inkantolo isichithile isicelo sakhe yabe isikhipha umyalelo wezindleko, ngakho kufanele abuyisele iqembu enye yemali ayisebenzise ukuvikela icala.

Esitatimendeni, i-MK ithe ukunqoba kwabo enkantolo kwengeza ekunqobeni kwayo okuningi kulezi zinyanga eziyisithupha ezedlule.

Okhulumela iqembu uNhlamulo Ndhlela uthe: “Kusobala ukuthi uKhumalo uxhaswa kakhulu yizitha zeqembu le-MK. Uyaqhubeka nokudala izindleko zokujeziswa kwakhe (yizinkantolo), futhi siyayemukela yonke iminikelo efakwa yi-ANC esikhwameni ingaqondile njengoba sakha inhlangano.

“Iqembu le-MK lizoqhubeka nokuhlula i-ANC (kaMengameli) uCyril Ramaphosa edayise ngabantu kanye namanxusa ayo atshalwe ezinkantolo nangaphandle kuze kube umhlaba nomnotho ubuyiselwa kubanikazi bawo, okungabantu base-Afrika.”

UKhumalo akazange aphendule ngesikhathi ecelwa ngabe-Scrolla.Africa ukuthi aphawule ngezinsolo zokuthi izitha ze-MK ziyamxhasa.  

Osesithombeni ngenhla: UJabulani Khumalo.

Umthombo: elections.sabc.co.za

Izihloko zakamuva