I-MK ifuna uphenyo ngokubulawa kwelungu layo eThekwini 

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Iqembu loMkhonto weSizwe (MK) KwaZulu-Natal lifuna amaphoyisa aphenye ngokubulawa kwelinye lamalungu alo eThekwini namuhla.

UBongumusa Zungu ubulawe elokishini lase-Mayville.

Ngokwemininingwane yokwandulela etholwe i-Scrolla.Africa, uZungu udutshulwe umuntu ongaziwa oqhamuke ngemuva kwakhe obe esebaleka endaweni yesigameko.

“Ubebuya ukuyoshiya izingane zakhe esikoleni, kanti ngesikhathi esengena emijondolo inkabi iqhamuke ngemuva kwakhe yamdubula amahlandla amaningi,” kusho ozibonele. 

Akukacaci noma imbangela yokubulawa kwakhe ihlobene yini nepolitiki noma ube umgilwa wobugebengu obudlangile endaweni. 

Inhloko yokhetho ku-MK esifundazweni, uMnuz Musa Mkhize, uthe “Sifuna kuphenywe ngokugcwele ngalolu daba ukuze sazi ukuthi kungani ilungu lethu libulewe. 

“Ngenyanga edlule, elinye lamalungu ethu lishiselwe endlini yalo yingakho sifuna amaphoyisa aluphenye lolu daba.” 

Uveze ukuthi kudlangile ukubulawa kwabantu kwezombusazwe kule ndawo, naphambilini kuke kwabulawa amalungu amanye amaqembu.

Esithombeni esingenhla: Indawo lapho okubulawe khona uBongumusa Zungu namuhla eThekwini. 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva