I-MK icela kewulinde umhlangano we-JSC ngenxa yodaba lukaHlophe

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Iqembu loMkhonto weSizwe (MK) lifuna i-Judicial Services Commission (JSC) iwuhlehlise umhlangano wayo wangomhlaka-7-11 kuMfumfu kuze kube icala likaJohn Hlophe liyaxazululeka.

NgoLwesihlanu, iNkantolo eNkulu yase-Western Cape imnqabele uHlophe ukuba ahambele lo mhlangano kuze kube icala lakhe liyalalelwa ngokugcwele.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi i-DA nabanye bephonsele inselelo ukufakwa kuka uHlophe esikhundleni ngoba ubekwe icala njengejaji wakhishwa nasesikhundleni sokuba umhluleli wamacala,

Iqembu le-MK alineme ngalesi sinqumo, lithi i-JSC ngeke ibe namalungu anele ukuze isebenze kahle ngaphandle kukaHlophe.

Encwadini ephuthumayo eya kuSihlalo oyiNhloko yamaJaji uMandisa Maya, abameli be-KMNS babhale egameni leqembu le-MK: “Ngokombono wethu, umphumela ozenzakalelayo wokuvimbela uveza ukuthi i-JSC yakhiwe ngendlela engafanele, ikakhulukazi ngoba iSigaba sika-178 sigcizelela ukwakheka kwe-JSC ngokwemibandela eyisisekelo. 

“Isihlalo ngasinye kwezingu-23 silinganiselwe futhi sibekiwe ngokucophelela ukuze kuzuzwe injongo ethile yomthethosisekelo.”

“Akunakwenzeka futhi ukuthi noma yikuphi ukuqokwa okusha kungenziwa ngokwenqubo, kuhlelwe, futhi kwenziwe ngesikhathi, noma ngabe bekunegunya elisemthethweni ukwenza kanjalo, angeke sikuvume,” kungeza iMK ngabameli.

UMaya kufanele aphendule ngoLwesibili, mhlaka-1 kuMfumfu. Iqembu le-MK seliveze ukuthi lingaya enkantolo ukuze kumiswe umhlangano.

Incwadi iphinde yaveza ukuthi izinhlangothi zombili, iqembu noHlophe bazosidlulisela phambili isinqumo senkantolo.

Esithombeni ngenhla: Iqembu le-MK.

Umthombo: Ifayela

Izihloko zakamuva