Dylan Bettencourt
Iqembu lase-Nigeria lithole ijezi lalo emdlalweni yama-Commonwealth ngemzuzu yokugcina besizwa umkhiqizi wezingubo zemidlalo i-MG Sportswear.
Basize iqembu ngezinto eziningi ngemuva kokuthi obakhiqizelela izimpahla ehlulekile ukuhlangabezana nezidingo.
Umphathi we-MG Sportswear uGino Ruffinatio uthe yena nabasebenzi bakhe abangu-14 basebenze ubusuku nemini ukulungisa ijezi kusenesikhathi.
Uthe ngesikhathi ebizwa ngoLwesibili sekusele izinsuku ezintathu kuqale imidlalo ukuthi azokhiqizela iqembu ubecabanga ukuthi kudlalwa ngaye.
“Ngibe sengiqala ukuthola ama-email ama-oder ngivele ngahlala phansi ngacabanga ukuthi lokhu kubucayi kangakanani,” kusho uGino.
“Basinikeze umnqamulajuqu bethi kufanele bayithole ngoLwesihlanu kanti bekunguLwesibili besifonela. Bekukhona yonke indwangu, umbhalo kanye nokunye ebesikudinga bekushubile kakhulu.”
Ithimba lisebenze amahora amaningi ukulungisa ijezi, lenza izingcezu zamajezi angu-200 bahlanganisa amavesti nezikhindi zokugijima, ama-tracksuits ezisebenzi namabheji angu-400 ase-Nigeria.
“Wonke umuntu embonini yethu ubetatazela ezama ukuqedela i-oder,” kusho uRuffinatio.
“Wonke umuntu ukwamukele ukuthi kumele sisebenze futhi basebenza ngokuzikhandla bachitha amahora amaningi besemshinini ukuqinisekisa ukuthi kuyenzeka.”
I-Nigeria ithumele abasubathi abangu-93 kuma-Commonwealth Games e-Birmingham, e-England ngethemba lokuthuthuka ngezindondo zegolide eziyisishiyagalolunye izwe eliziwine kuhlelo oludlule.
URuffinatio uthe iphupho lakhe lifezekile ukubona uphawu lwakhe lugqokwa iqembu lase-Nigeria ukuze umhlaba wonke ulubone.
“Namanje ngisazincinza ngathi ngiyaphupha.”
Umthombo wesithombe: @TheCitizen