I-Merc C entsha isezingeni layo yodwa

Lucky Mdluli

Esikhundleni se-W205 C-Class ebilokhu ikhona kusukela ngowe-2014, i-W206 entsha izoba nokuningi okufana nokusemotweni enkulu kanokusho i-S-Class.

Ngesitayela kanye nezici ezifanayo, i-C-Class entsha isethelwe ukuqinisa isikhundla sayo njengemodeli ethengisa kakhulu ka-Mercedes-Benz, futhi ithuthukise idumela kanye nophawu layo.

Njenge-S-Class, indawo yomshayeli neyabagibeli iyidijithali kakhulu kunangaphambilini. Ukubukeka kwayo cishe kukhava yonke ikhonsoli 

ephakathi nendawo ngephanelii yensimbi yedijithali nobuchwepheshe bokusiza abashayeli kanye nokushayela okuzenzakalelayo.

Lezi zimoto zizohlinzeka zidonsa ngamasondo angemuva kuphela noma ngawo womane kanti futhi nokuhamba kwayo kungukushayela okwejwayelekile kanye nokuzenzakalelayo yize iwugesi ngokuphelele. 

Ngokusho kwemibhalo yabakhiqizi, i-Mercedes-Benz ibheke ezweni elenza kahle futhi elenza izinto ngedijithali, ngokudala indawo ekhululekile kanye nethokomele yekusasa elizayo.

“Inikeza ukunethezeka ngokusebenza kahle, imizwa, kanye nobuhlakani, ngendlela echaza ubukhazikhazi” kusho imininingwane yabezindaba.

Le moto izokhiqizwa kuleli ngabakwa-Mercedes-Benz SA kulandela ukutshalwa kwemali okusanda kwenziwa yezigidigidi ezi-R10 kwenye indawo yokukhiqiza ese-East London.

Umthombo wevidiyo: @MercedesBenzUSA

Izihloko zakamuva