I-Mboswobeni Primary igqekezelwe kabili ngesonto eledlule

Elmon Tshikhudo

Ngesonto eledlule i-Mboswobeni Primary School engaphandle kwaseMakhado ihlukunyezwe yizigebengu kabili kulandelana.

NgoLwesihlanu, amasela agqekeze isikole antshontsha i-computer monitor. NangoMsombuluko umphakathi uvuke ngezindaba zokuthi isikole sihlaselwe yizigebengu sashiswa ngomlilo.

Umonakalo odalekile ulinganiselwa ngaphezu kwe-R400,000.

Ilungu le-SGB yesikole uNkhumeleni Enos Mulaudzi uthe uthole ucingo ekuseni ngovivi ngoMsombuluko.

“Ngesikhathi ngifika ngihlangatshezwe amalangabi abevutha. Bese kuvele kushe ihhovisi likathisha omkhulu, igumbi lesitolo kanye ne-admin block.

Abezicishamlilo bafikile kodwa umonakalo wefenisha, imishini nokudla okubiza izi-R400,000 bese uvele wenzekile.

“Sidumele. Siyethemba amaphoyisa azosheshisa uphenyo lwawo futhi asuse abenzi bobubi phakathi kwethu,” kusho uMulaudzi.

UNdunankulu uMbangiseni Mushavhela ongomunye wabokuqala ukufika kulesi sikole uthe: “Bangabantu abanjani laba abashisa ikusasa lomphakathi? Uma abantu beshisa izikole bakhulisa inkundla yokudlala izigebengu.

Uthe kufanele baqale izikhungo zokuzivikela ukugada izakhiwo ebusuku.

Uthe amalungu omphakathi kumele ehlise umoya futhi akumele bazithathele umthetho ngezandla ngoba lokho kuzobenza izigebengu nabo.

“Uma sizikhipha ngokushesha lezi zigebengu emphakathini, kuzoba ngcono,” esho.

Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uBrigadier Motlafela Mojapelo uziqinisekisile lezi zigameko wathi kuvulwe amacala okushisa impahla, ukulinyazwa kwempahla nokugqekezwa.

Izihloko zakamuva