Dylan Bettencourt
I-Mauritius inomnotho ophindwe kathathu womuntu ngamunye uma iqhathaniswa nelakuleli kanye ne-Namibia.
I-Mauritius ihleli endaweni yokuqala emnyangweni womcebo womuntu ngamunye e-Afrika yonkana ngenani lika-R593,00 uma kuqhathaniswa no-R190,000 wakuleli ngokusho kwe-Visual Capitalist.
Umcebo womuntu ngamunye inani lemali umuntu ngamunye analo ngokwesilinganiso ezweni.
Esinye sezizathu ezinkulu ezenza ukuthi elakuleli lizithole lisendaweni yesibili, ukufuduka kwabantu okudalwa izinga eliphezulu labasebenzi abafudukela e-United Kingdom, e-Australia kanye naseMelika.
Balinganiselwa ku-15 osozimali abazalelwa kuleli kodwa bahlanu kuphela abasahlala kulelizwe abazalelwa kulo.
Ezinye zezizathu ezenza ukuthi i-Mauritius ihambe phambili e-Afrika yonke kungenxa yabantu abacebile abafudukela kuleliyazwe eminyakeni edlule.
Kulula futhi ukwenza ibhizinisi e-Mauritius ebekwe endaweni yesi-13 njengezwe elihamba phambili emhlabeni ngokombiko we-World’s Doing Business.
Izintela eziphansi zingesinye isizathu esenza abacebile bathuthele kuleliyazwe. Ayikho intela yefa noma intela yenzuzo enkulu e-Mauritius. Ngokuhambisana namazinga entela aphansi libuye lithathwe njengezwe eliphephe kunawo wonke e-Afrika, ngokombiko we-New World Health.
Zonke lezi zinto uma zihlangana zinikeza i-Mauritius ukukhula okuphezulu kakhulu kwengqikithi yomcebo wangasese kule minyaka eyishumi edlule ngezinga lokukhula elingu-74%.
I-Mauritius ilandelwa i-Rwanda (ngo-60%) kanye ne-Ethiopia (ngo-52%) ekukhuleni kwezinga lomcebo wangasese.
Kodwa-ke naphezu kokukhula kwe-Mauritius, amazwe amahlanu asabala ngaphezu kwesigamu sengqikithi yomcebo kwizwekazi.
Elakuleli, i-Egypt, i-Kenya, i-Nigeria kanye ne-Morocco zisahamba phambili ngomcebo omningi e-Afrika.
Yize kube nezingqinamba ezinkulu ngenxa yobhubhane lwe-Covid-19, ukudalwa kwengcebo kusalokhu kwehlile e-Afrika njengoba ingcebo yangasese iyonke kuthiwa ibiza cishe u-R36 trillion, isibalo okulindeleke ukuthi senyuke ngo-40% ngo-2031.
Kukhona nosozimali abangu-21 e-Afrika yonkana.
Umnotho omkhulu wase-Afrika i-Nigeria ibe nokwehla okukhulu kwezinga lokukhula kwengcebo ngenani elibi elingu-27% okubangelwa ukuntuleka kwemisebenzi okuphezulu, inkohlakalo kanye nokuthembela ngokweqile kuwoyela ongahluziwe.
Umthombo wesithombe: @FinancialTimes