I-Man United nomqeqeshi omusha

Dylan Bettencourt

I-Manchester United isomqeqeshi omusha u-Erik ten Hag. 

Lo mphathi udume kakhulu ngokugcizelela ukuthi utshani kufanele bunqunywe kufike kwamamilimitha amabili neziphuzo zibekwe kahle.

Kubikwa ukuthi i-United isivumelene nomphathi wase-Dutch ukuthi abe ngumphathi wesihlanu weqembu kule minyaka eyishumi edlule.

UTen Hag usezosayina inkontileka yeminyaka emine neqembu lase-Manchester uma esephethe isivumelwano sokunxeshezelwa neqembu lakhe i-Ajax.

I-United idinga ukuguqulwa okukhulu uma izobuyela ezinsukwini zayo zodumo lwangaphambilini futhi okulindelwe kuTen Hag kungaba isixazululo.

Umdlali wasesiswini uSjoerd Overgoor ozilolonge ngaphansi kukaTen Hag kwi-Go Ahead Eagles kuligi yase-Dutch uthe kukhulu okulindelwe kumphathi.

“Ubefuna iziphuzo zibekwe ngendlela eqondile. Konke kunele kuphelele emehlweni akhe. Abantu babedinga isikhathi sokuzijwayeza lokho. 

Besinowesilisa oyedwa okwakuwumsebenzi wakhe ukunakekela inkundla.

“Nsuku zonke u-Erik wayefika kuye athi utshani kufanele kube ngamamilimitha amabili. Lokho kulethe umehluko omkhulu kuwo wonke umuntu eqenjini. Ushintshe yonke into,” kusho u-Overgoor etshela i-Sky Sports.

Nakuba izimfuno zikaTen Hag zingase zivune yena kodwa zingaphinde zisebenze ngokumelene naye. Ngesikhathi umphathi wesikhashana uRalf Rangnick ethatha izintambo abadlali abaningi abanelisekanga ngesimo sakhe sokusebenza. 

Umphathi oneminyaka engu-52 ubudala ubonakala ehlulwe ukuncintisana nomphathi we-PSG uMauricio Pochettino ngeqhaza alibamba.

Umsebenzi wokuqala kaHag eqenjini ukwenza abadlali bakholelwe kulokho akulindele futhi baphinde bamuthembe bamuthande uma kungenjalo angase abhekane nokuxoshwa maduze.

Uma kubhekwa isizini yabo edumazayo i-United idinga isiqalo esisha kanti uTen Hag angaba owesilisa ozoshintsha leli qembu.

Umthombo wesithombe: @Forbes

Izihloko zakamuva