I-Man United ne-Liverpool zizotholana phezulu

Dylan Bettencourt

I-Manchester United ne-Liverpool azikaze ziwine kule sizini kanti umdlalo wangoMsombuluko ebusuku uwumdlalo onzima wokuthola amaphuzu amathathu okuqala esizini.

➤ Umdlalo ophakathi kwala maqembu amabili uhlezi ujabulisa kodwa kulokhu kuningi okusengcupheni – womabili la maqembu afuna ukuzuza amaphuzu amathathu okuqala esizini.

I-Manchester United ihlulwe emidlalweni yayo emibili yokuqala, okuphoxe kakhulu kube ngesikhathi ihlulwa i-Brentford ngo 4-0.

Ngakolunye uhlangothi i-Liverpool idlale ngokulingana emidlalweni yayo yombili, mhlawumbe lokho kuyihlazo ngoba lingelinye lamaqembu ahamba phambili emhlabeni.

Yize isizini iqale kabi, abalandeli be-United banethemba lokuthi umdlalo ungavuna bona kanti nabalandeli be-Liverpool bazozizwa ngendlela efanayo.

Zonke izimpawu zikhomba ukuthi i-Liverpool engahle iwine kodwa ukuzethemba okukhulu kungenza ukuthi i-Manchester idlale kahle e-Old Trafford.

Umdlalo ozobe uphakathi kwala maqembu adume kakhulu uzoba ngoMsombuluko ebusuku ngo-9 kanti uzobukwa bukhoma esiteshini se-DStv 203.

➤ AmaProteas azoqhubeka nochungechunge lwawo lwemidlalo ebhekene neNgilandi impelasonto yonke ngemuva kokuthi usuku lokuqala lubambezeleke ngenxa yemvula.

Umdlalo wokuqala uphele iNgilandi ino-116/6 ngesikhathi elakuleli likhombisa ithalente layo ngoLwesithathu.

Womabili la maqembu azobe enethemba lokuthi ingxenye esele yochungechunge ngeke iphazanyiswe imvula njengoba efuna ukuwina.

Umdlalo wokugcina kwemithathu uzophela ngeSonto njengoba womabili la maqembu ezobe enethemba lokuwina.

Umdlalo wesibili kulindeleke ukuthi ube ngomhlaka-25 kuNcwaba kanti iqembu elizowina umdlalo wokuqala lingase liyiwine yonke le midlalo.

Umdlalo wekhilikithi ungabukwa bukhoma impelasonto yonke esiteshini se-DStv 212, kanti uzoqala ngo-12 ebusuku kuze kube iSonto.

➤ Amabhande e-heavyweight azoba semgqeni ngoMgqibelo ebusuku lapho u-Anthony Joshua azofuna khona ukuziphindiselela ku-Oleksander Uskyk wase-Ukraine.

Usyk ushaqise umhlaba ngesikhathi ethatha amabhande omshayisibhakela waseBrithani esikhathini esingangonyaka esedlule.

Kulokhu e-Saudi Arabia uJoshua uzobe enethemba lokuthi uzovikela umsebenzi wakhe ngokuwina amabhande okwesithathu kulandelana.

Le mpi ihlelelwe ukuthi ibe ngo-9 ebusuku ngoMgqibelo kodwa i-SuperSport ayizange iwathole amalungelo ayo.

Hlala ne-Scrolla.Africa ukuze wazi ngomphumela wempi yangoMgqibelo ebusuku.

Umthombo wesithombe: @talkSPORT

Izihloko zakamuva