I-Man City nomlenze owodwa kowamanqamu we-Uefa Champions League

Dylan Bettencourt

I-Manchester City ifake umlenze owodwa kowamanqamu we-Uefa Champions League ngemuva kokushaya i-Real Madrid ngo 4-3, ekhaya. Kodwa ukushaya amagoli amathathu kweMadrid kwenza kube nzima ukuqagela ukuthi iyozala nkomoni eSpain, uma iCity isivakashele iMadrid.

I-City ibibukeka idlondlobala esigabeni sokuqala somdlalo kanti izithole ihamba phambili ngamagoli amabili eqandeni  ngemuva kwemizuzu eyishumi nje vo.

U-Kevin de Bryune ushaye ibhola ngekhanda ngendlela enhle kakhulu kusanda kuqala umdlalo.

Lo mdlali wase-Belgium uphinde wenza kahle ngesikhathi esiza uzakwabo uGabriel Jesus oshaye igoli lesibili elenze i-City yahamba phambili ngo 2-0.

I-City ifike emdlalweni iyizintandokazi.

Ukugeja amathuba kanye namaphutha okuzivikela kuyilimazile i-City  njengoba uKarim Benzema ethole igoli lokwenza kwaba ngu 2-1, ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini.

Abafana bakaPep Guardiola bebebukeka benamandla ekuqaleni kwesiwombe sesibili kodwa bahlulwa amathuba.

UPhil Foden ushayele i-City igoli lesithathu. 

Ompetha be-Premier League abazange bavumele amathuba abalahlekele ukuthi abaphazamise njengoba beqhubeka nokufaka ingcindezi kwi-Madrid.

Leyo ngcindezi igcine isithele izithelo njengoba uBernardo Silva ethole igoli okwenza i-City yahamba phambili ngamagoli amane kwamabili. 

Kodwa i-Madrid nayo ilwile yathola igoli lesithsthu.

I-Los Blancos ithole iphenathi ebekwe enethini uBenzema  washaya igoli lakhe lesi-41 kule sizini.

I-City izozizwa iphoxekile ngokuthi ayiyi e-Spain, kodwa ngemuva kokuthi la maqembu womabili edlale imidlalo yakudala ye-Champions League lokhu kuza njengokuzilungiselela okuhle emlenzeni wesibili othokozisayo wabalandeli abangathathi hlangothi.

Umthombo wesithombe: @Goncalo_Diass17

Izihloko zakamuva