I-Man City nesicoco se-Premier League

Dylan Bettencourt

Ngemuva kokushaywa ngamagoli amabili eqandeni i-Manchester City iqede isimangaliso sosuku lokugcina ngokushaya i-Aston Villa ngamagoli amathathu kwamabili ukuze igcine isicoco sayo se-Premier League.

Umphathi we-City uPep Guardiola uthe ekuqaleni kwale nyanga kubukeke sengathi akekho ofuna iqembu lakhe linqobe iligi futhi emizuzwini engu-75 umdlalo uqalile bekubukeka ngathi kunzima.

Obekumele kwenziwe i-City  ukuwina umdlalo wayo wokugcina ne-Villa ephethwe ngowayengukaputeni we-Liverpool uSteven Gerrard.

Kulandela izinto eziningi kule sizini ehlinzekwe i-Premier League i-City ishaye elilodwa kwavele kwaba isimangaliso somdlalo.

URodri unikeze i-City indlela yokuphila ngokulingana kompetha ngaphambi kokuthi u-Ilkay Gundogan ashayele ekhaya edlula ibhola elihle likaDe Bruyne ukuze avikele isicoco.

Amagoli amathathu emizuzwini emihlanu e-City asho ukuthi sebesendleleni yokugcina isicoco se-Premier League.

Nalokho bakwenze ngesikhathi unompempe eshaya impempe ngemuva kwemizuzu emine yokukhathazeka.

Abalandeli be-City bangene enkundleni bejabulela ukunqoba kwabo okokuqala indebe kule sizini.

Ngakolunye uhlangothi i-Liverpool izozizwa ibhekene nesikhathi esinzima ngemuva kokulahlekelwa iligi ngephuzu elilodwa okwesibili eminyakeni emine.

Ngemuva kwemizuzu emithathu nje izimbangi zabo i-Wolverhampton bezihamba phambili, kodwa kugcine kuwine ama-Reds anqobe ngamagoli amathathu kwelilodwa. 

Abalandeli e-Anfield bajabule kakhulu ngesikhathi bezwa izindaba zokuthi i-Villa ishaywe ngamagoli amabili eqandeni nezimbangi zabo kodwa leyo njabulo yaba eyesikhashana. 

I-City izobe igubha ukunqoba kwayo kwi-Premier League ubusuku bonke kodwa ukuvala isizini nendebe eyodwa kufana nokuthi abaphumelelanga.

UGuardiola wehle izinyembezi ngemuva kwempempe yokugcina, kodwa lo mqeqeshi uzokwazi ukuthi iqembu lakhe kumele lithuthuke uma lifuna ukunqoba lesi sicoco se-Champions League.

Kodwa okwamanje i-Manchester City isingompetha be-Premier League futhi ilokhu kuphela abazokukhathalela.

Scrolla World Cup Quiz