Menzi Magubane
Asithathe leli thuba sihalalisele iqembu labesifazane be-Mamelodi Sundowns ngokufinyelela kumlando wamanqamu we-CAF Women’s Champions League.
Benqobile noma behluliwe kowamanqamu ngoLwesihlanu e-Cairo e-Egypt, vele iNingizimu Afrika izishaya isifuba ngabo.
NgoMsombuluko i-Banyana Ba Style ishukumise izinkundla zokuxhumana ngenkathi ihlula i-Malabo Kings yase-Equatorial Guinea ngamagoli amahlanu kwamane sekukhahlelwa amaphenalthi emdlalweni owandulela owamanqamu.
Kungokokuqala bedlala kulo mqhudelwano.
Ukunqoba umdlalo wamanqamu ngoLwesihlanu bebhekene ne-Hasaacas Ladies yase-Ghana kungaba kuhle kakhulu ngaphezu kwempumelelo esivele iyinhle kakhulu.
Ukushaya iqembu lase-Ghana ngandlela thize kungaba yinduduzo kubantu baseNingizimu Afrika ngemuva kokwenzeke kuBafana Bafana ngeSonto.
Nakuba kungenzeka ukuthi bafuna ukuwinela wonke umuntu osekhaya indebe, okubalulekile kubona ukwenza lokho okwenziwa iqembu labesilisa elinqobe i-Champions League Trophy ngowezi-2016 kowamanqamu abo wokuqala.
I-Banyana Ba Style isivele iyiphakamisile indebe ye-Cosafa Women’s Champions League, eyenze yakwazi ukungena ku-CAF Champions League. E-Egypt, babekwe ku-Group B lapho abahlule khona i-Vihiga Queens yase-Kenya kanye ne-Rivers Angels yase-Nigeria emidlalweni emibili yokuqala, yanqoba imidlalo yomibili ngegoli elilodwa eqandeni.
Badlale ngokulingana kowokugcina ngeqanda eqandeni ne-ASFAR yase-Morocco baba phezulu ku-Group B. Lo mqhudelwano unamaqembu amabili namaqembu amane adlulele kowandulela owamanqamu.
Izibalo ezigculisayo nge-Downs kule midlalo ukuthi ayikahlulwa nangelilodwa igoli. Izibalo ezikhathaza kakhulu, okungangabazeki ukuthi zizobe zisemqondweni womqeqeshi uJerry Tshabalala ngaphambi komdlalo wamanqamu wangoLwesihlanu, ukuthi sebevalele amagoli amabili kuphela emidlalweni emine.
Ngaphambi kokuya e-Egypt, i-Downs ishiye iligi yayo yasekhaya isesimweni esihle futhi isifana nompetha.
Iqhwakele ku-log ngamaphuzu angama-61 ngemuva kwemidlalo engama-22, kanti i-TUT FC esendaweni yesibili inamaphuzu angama-49 ngesibalo esifanayo semidlalo. Kusele imidlalo emine ngaphambi kokuthi iligi iphele.
Umthombo wesithombe:
@MamelodiSundownsLadies