I-Malawi ifisa ukukhiqizwa kwensangu kundlondlobale

Everson Luhanga

Uma kukhulunywa ngensangu, i-Malawi ikhombise ukukhiqiza okungcono kakhulu.

Izinhlobonhlobo zensangu etshalwe endaweni ebizwa ngegolide lase-Malawi idume ngabayisebenzisayo emhlabeni wonke.

Nakuba bekungavumelekile eminyakeni engamashumi edlule, ukutshala insangu e-Malawi kwavunyelwa ngokomthetho ngonyaka odlule.

Kuleli sonto, umnyango wezolimo e-Malawi ubhalele owayengumpetha womhlaba wesibhakela ku-heavyweight uMike Tyson ukuthi abe yinxusa lezwe ngesitshalo sabo esidumile sensangu.

Sekuphele iminyaka engamashumi abantu base-Malawi bethembele ekulimeni, ikakhulukazi ugwayi njengomgogodla wezomnotho.

UNgqongqoshe uLowe uthe ukwenziwa ngokusemthethweni kwensangu ngonyaka odlule kuvuleke amathuba, kuleli nakwamanye amazwe.

Umnyango uthe inhlangano yaseMelika elawula ukusetshenziswa kwensangu ibiqhuba isivumelwano noTyson.

“I-Malawi ingase ingahambi yodwa njengoba imboni inkulu kakhulu futhi idinga ukubambisana. Ngakho-ke ngithanda ukuqoka uMnumzane uMike Tyson, njengenxusa lase-Malawi le-Cannabis Branch,” kubhala uMnumzane uLowe.

UTyson naye ungusomabhizinisi futhi utshale imali epulazini lensangu.

Abezindaba bendawo babike ukuthi uTyson ubelindelwe e-Malawi ngesonto eledlule, kodwa ukuvakasha kwakhe kwahlehliswa.

Selokhu yaba semthethweni, imboni ithwele kanzima, yamiswa ngamalayisensi abizayo kanye nokuntuleka kwabatshalizimali nabathengi.

Uma ukutshalwa kwensangu kuthola ukwesekwa ngamazwe ngamazwe, kungenzeka ukuthi abantu abaningi base-Malawi bazosuka ekulimeni insangu nogwayi baye ekutshaleni insangu.

Lo mshayisibhakela osethathe umhlalaphansi  ubelokhu ekhuthaza ukugunyazwa kwensangu futhi waze wethula nohlobo lwakhe lwemikhiqizo yensangu ngenyanga edlule.

Kodwa ukuqokwa kwakhe kungase kudale ingxabano, njengoba isikhungo sezocwaningo sase-Malawi sisola uhulumeni ngokufuna ukusebenzisana nomuntu owalahlwa yicala lokuhlukumeza ngokocansi.

UTyson oneminyaka engama-55 watholwa enecala lokudlwengula owesifazane oneminyaka eyi-18 ngonyaka wezi-1992. 

Wagwetshwa iminyaka eyisithupha ejele kanye neminyaka emine uma eziphathe kahle. Wakhululwa ngonyaka wezi-1995.

Izihloko zakamuva