I-Madagascar ivimbe izindiza zakuleli ukungena ezweni

Dylan Bettencourt

I-Madagascar inqabele noma iyiphi inkampani yezindiza yakuleli ukungenisa izindiza zazo ezweni layo ngenxa yengxabano yegolide elingu-73.5kg.

Imibiko iphakamisa ukuthi uMengameli wase-Madagascar u-Andry Rajoelina ulwa nelakuleli ngokwenqaba ukubuyisela igolide elingamakhilogremu angu-73.5 elathathwa kubagibeli abavela e-Madagascar esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport ngoZibandlela ngo-2020.

Ukuthathwa kwaleli golide kwadala ingxabano enkulu e-Madagascar ngezinsolo zokuthi izikhulu eziphezulu zikahulumeni ziyathinteka.

Izingcezu zegolide bezilinganiselwa ku-R60 million ngaleso sikhathi nakuba umthombo wemboni yezindiza ongashayi eceleni ukholelwa ukuthi le mali ibilinganiselwa ku-R20 billion.

Uhulumeni wase-Madagascar ufuna kubuyiswe leli golide kanjalo nabashushumbisi abathathu okwamanje abagqunywe ejele lakuleli.

Kuthiwa uhulumeni wakuleli uzoligodla leli golide njengoba icala lenzeka emhlabeni wakhe futhi uzovumela umthetho ukuthi usebenze.

Isikhulu se-Airlink uRoger Foster uthe ubesebenzisana nenxusa lakuleli e-Madagascar uSisa Ngombane ukuze kuqedwe ukuvinjelwa kwezindiza.

Kodwa-ke imizamo kaFoster ayiphumelelanga kuze kube manje.

Lelizwe lase-Afrika lisuse imikhawulo yokuhamba ngoMbasa, lavumela ezokuvakasha ezivela emazweni amaningi ngaphandle kwelakuleli.

“Yithina kuphela izwe elivinjelwe e-Madagascar kanti amanye amazwe avunyelwe ukungena kuleliyazwe,” kusho uFoster etshela i-Daily Maverick.

UNgombane usahlalele ethembeni lokuthi uzophela maduze lo mkhuba wokuvinjelwa kwezivakashi njengoba besaqhubeka nokufaka ingcindezi kwi-Madagascar.

“Sizamile ukugcindezela i-Madagascar kulokhu. Kuphinde kwaba nokushintshwa koNgqongqoshe nezikhulu eminyangweni ethintekayo.

“Impendulo umuntu ayitholayo ukuthi i-Madagascar ivale imingcele yayo ukuze kugwenywe ukushushumbiswa. Siyethemba ukuthi lokhu kuzophela maduze,” esho.

Umthombo wesithombe: @EngineeringNews

Scrolla World Cup Quiz