I-Macufe ibuyile!

Linda Ximba

I-Mangaung African Cultural Festival – eyaziwa kakhulu nge-Macufe – isibuyile ngemuva kweminyaka emibili imisiwe kanti kulindeleke ukuthi kufike abantu abalinganiselwa ku-140,000 e-Bloemfontein.

Lo mcimbi uzoqala mhla zimbili kuya kumhla ziyisishiyagalolunye kuMfumfu kanye neminikelo yayo yesintu: emncintisanweni womculo wezokholo, imibukiso yeshashalazi yamahlaya, umbukiso wamafilimu, ibhola lezinyawo, isibhakela, i-jazz kanye nomculo we-hip hop.

I-Macufe ithathe ikhefu iminyaka emibili ngenxa yobhubhane lwe-Covid-19.

Vele sekunomsindo njengoba sekusondele usuku lomcimbi, ngokusho kukaLimakatso Mahasa oyiLungu lesigungu esiphezulu (MEC) kwezeMidlalo, ezobuCiko, amaSiko nokuNgcebeleka e-Free State.

“Kusukela emigwaqeni enemibala egqamile kuye emisebenzini yobuciko ebekwe kahle kanye nemisindo ethokozisayo, emnandi nenesigqi kuya kubantu abadlangile nabezemidlalo, inhlokodolobha yase-Free State, i-Bloemfontein ivamise ukuduma ngesikhathi somcimbi we-Macufe,” kusho uMahasa.

“Sithanda ukuqinisekisa abaxhasi kanye nezinhlaka ze-Macufe ukuthi konke kuzokwenziwa ngendlela efanele ukuze lo mcimbi ube impumelelo.”

UNgqongqoshe wengeze ngokuthi eminyakeni edlule babejwayele ukwamukela ababukeli abangaphezu kuka-140,000 abajabulela umculo kanye nezemidlalo.

Esikhathini esedlule amaciko afana noBrandy, uTiwa Savage kanye noDeborah Coxbabe baba yingxenye yabesifazane abanandisayo kulo mcimbi.

Kulo mcimbi omkhulu abadidiyeli bake bakhangisa nosaziwayo abafana neMafikizolo, uMdu Masilela, uMakhadzi, uSemito, uPress, uDJ Finzo kanye noDJ we-Metro FM uLerato Kganyago.

Uphromotha wesibhakela uLebo Mahoko we-Dream Team Promotions ukuqinisekisile ukuthi uzohlanganisa imiqhudelwano emibili ngobusuku obubodwa njengengxenye yomcimbi ozoba e-Pacofs.

ULerato Dlamini uzobe ebambe iqhaza emqhudelwaneni wamazwe omhlaba emizuliswaneni eyishumi ebhekene noJelbirt Gomera wase-Philippines. UJohn Bopape osanda kuwina isicoco se-SA middleweight uzobhekana noJames Mbiya Kanku wase-DRC kowe-ABU.

Izihloko zakamuva