I-M-Net izokhipha uchungechunge lomdlalo ngoReeva

Sizwe Sibiya

Sekuphele iminyaka eyisishiyagalolunye uReeva Steenkamp owayemodela nowayekhulumela ezomthetho abulawa ngesihluku isoka lakhe u-Oscar Pistorius kanti kubukeka sengathi i-M-Net izokhuluma uhlangothi lodaba lwakhe njengoba kuqala inyanga yabesifazane.

Umndeni wakwaSteenkamp kanye nomqondisi uWarren Batchelor oqokwe kabili emklomelweni we-South African Film and Television Award uzokhiqiza uchungechunge lwefilimu olunezingxenye ezintathu olunesihloko esithi-My Name is Reeva.

Njengoba ngomhlaka-19 kuNcwaba kuwusuku lokuzalwa lukaReeva i-M-Net izokhipha ingxenye yokuqala yochungechunge ngenyanga efanayo.

Ingxenye yokuqala izokhonjiswa ku-M-Net DStv Channel 101 ngoMsombuluko ngomhlaka-25 kuNcwaba ngo-20:30. 

Ingxenye yesibili izodlala ngoLwesine mhla zizinye kuMandulo kanti eyesithathu neyokugcina izodlala ngoLwesine olulandelayo.

Umndeni kaReeva ulandela abenzi bamafilimu futhi izingxoxo nabo kanye nabangani abaseduze bakaReeva zizobonakala kakhulu kuchungechunge lo mdlalo.

“Sincoma uWarren nethimba lakhe ukuthi baveze iqiniso kule filimu futhi bakhombise umhlaba ukuthi wayengubani ngempela uReeva,” kusho abazali bakhe uBarry noJune Steenkamp becashunwe esitatimendeni sakwa-M-Net.

“Lokhu kuzokhombisa ukuthi owesifazane omuhle okhaliphile futhi othandekayo wayenjani ekhula,” kubhala abakwaM-Net abazitholele imvume yokukhipha uchungechunge lo mdlalo.” Luzosakazwa nase-Afrika yonkana.

Lolu chungechunge luzogxila kulokho okwenzeka ngobusuku bangaphambi kokushona kukaReeva ngomhlaka-14 kuNhlolanja ngonyaka ka-2013  okuwusuku lwezithandani futhi luzokwazisa ababukeli ngomthelela wokushona kwakhe kwababemthanda kakhulu.

Khonamanjalo uPistorius, osechithe iminyaka eyisikhombisa yesigwebo sakhe seminyaka engu-13 nezinyanga ezinhlanu ebhadle ejele uhlangane nabakwaSteenkamps ukuze benze i-custom Victim Offender Dialogue (VOD) ngomhlaka-22 kuNhlangulana.

“Njengoba uBarry noJune befuna ubulungiswa ngendodakazi yabo futhi sebevumelene noPistorius ngaphambi kokulalelwa kwe-parole bafuna izimpendulo ezithi kungani indodakazi yabo yashona ngesihluku esingaka?” kubhala i-M-Net.

“Uchungechunge lo mdlalo othi-My Name is Reeva uzama ukuphendula lowo mbuzo, kodwa okubaluleke kakhulu sizokhonjiswa ukuthi ungubani ngempela uReeva.”

Izihloko zakamuva