I-Liverpool nethuba lesibili lokuzihlenga

Dylan Bettencourt

Ithuba lokuzihlenga alifiki njalo, kodwa kwi-Liverpool lize kabili esikhathini esiyisonto elilodwa.

➤ Iqembu elihlulekayo le-Liverpool libe nethuba lokulungisa amaphutha alo ngesonto eledlule ngeSonto ngesikhathi libhekene neqembu eliziholayo kwiligi i-Arsenal kodwa esikhundleni salokho kube usizi njengoba i-Liverpool iphinde yehlulwa.

Ngemuva kwesonto nje i-Liverpool inikezwe elinye ithuba lokukhombisa amandla ayo lapho izobe ibhekene khona ne-Manchester City ngeSonto.

UJurgen Klopp nezakhe bazoqala umdlalo ozobe use-Anfield benomfutho ngemuva kokuhlula i-Rangers ngo 7-1 kwi-Uefa Champions League ngoLwesithathu.

Kodwa-ke, i-Manchester City idlale ngokulingana ngo 0-0 ne-FC Copenhagen ngoLwesibili ebusuku.

UPep Guardiola neqembu lakhe le-Manchester City bahlezi endaweni yesibili etafuleni futhi banethemba lokuthi ama-Gunners azohlulwa emdlalweni wawo ebhekene ne-Leeds.

Ukuwina e-Scotland kungenzeka kube yilokho kanye i-Liverpool ebikudinga ukuze iqale isizini yayo kodwa ukuwina ngo 9-0 bebhekene ne-Bournemouth ekuqaleni kwesizini bekubukeka kuzokwenza okufanayo kodwa kwangenzeka.

Ngaphandle komphumela ongemuhle phakathi nesonto, i-City ikhethe ukuphumuza isihlabani u-Erling Haaland ozobe ejabulela ithuba lokuzibonakalisa ebhekene ne-Liverpool ngemuva komdlalo omubi ebhekene ne-Liverpool kwi-Community Shield ngaphambi kokuthi kuqale isizini.

Lo mdlalo we-Premier League uzoqala ngempelasonto ngo-5.30 ntambama ngeSonto, futhi uzokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DStv 203.

➤ Sengathi umdlalo ozobe uphakathi kwe-Liverpool ne-Manchester City awanele ukujabulisa abalandeli, owe-El Clasico ozoba phakathi kwe-Real Madrid ne-Barcelona uzoba ngeSonto.

Yize umbango ungefani nakuqala, kubukeka kushubile phakathi kwamaqembu azithola elingana ngamaphuzu esicongweni.

Womabili la maqembu adlale ngokulingana kwi-Champions League futhi azofuna ukuba  phezulu etafuleni ngeSonto ebusuku.

Abalandeli kuzofanele bashintshe phakathi kwemidlalo emibili emikhulu yebhola ngeSonto njengoba owe-El Clasico uzoqala ngo-4.15 ntambama ngeSonto kanti uzokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DStv 204.

➤ Kunombuzo omkhulu webhola lombhoxo kuleli sonto! Ingabe ama-Emirates Lions engaqhubeka nokumangaza ochwepheshe futhi aqhubeke nokudlala kahle? Kule mpelasonto iqembu laseGoli lizokwamukela i-Ulster – futhi kungenzeka ukuthi kube umdlalo walo omkhulu kunayo yonke kwi-United Rugby Championship kuze kube manje.

Kubikwa ukuthi uJaque Fourie, owayedlalela amaBhokobhoko wenze umehluko omkhulu njengomqeqeshi wamaLions weseka umqeqeshi wama-Lions ohlasela kakhulu u-Ivan van Rooyen. Phambili ngamaLions!

I-Stormers ibhekene ne-Osprey futhi ngokuqinisekile iyintandokazi. Uma bengaliyeki ibhola, futhi akukho okushoyo ukuthi bazokwenza njalo kufanele bawine kakhulu. Kodwa ibhola lombhoxo umdlalo wakudala ohlekisayo futhi amabhola ayawa ngaso sonke isikhathi.

Lindelani ukuthi amaSharks aphendule kahle ngemuva kokudlala kahle kukaJohnny Sexton noLeinster ngesonto eledlule. Banethuba lokudlalela enkundleni yezemidlalo i-Kings Park eyaziwa ngele-Shark tank uma sebebhekene ne-Glasgow Warriors. Kodwa eqinisweni sekuyisikhathi eside kungadlalelwa e-Shark Tank.

Ubani owaziyo ukuthi amaBulls azokwenzani uma eseya e-Munster? AmaBulls ajwayele ukuba yiqembu elikhungathekisayo angase agcine edlala umdlalo omuhle ozoshiya i-Munster engasenasikhala sokunyakaza, noma angase adlale njengesonto eledlule – kube sengathi awanalo uhlelo futhi awanandaba nokuthi awanalo.

I-Ospreys vs Stormers, ngoLwesihlanu ngo-8.35pm

AmaLions vs i-Ulster, ngoMgqibelo, ngo-2pm

AmaSharks vs i-Glasgow Warriors, ngoMgqibelo, ngo-4.05pm

I-Munster vs amaBulls, ngoMgqibelo ngo-8.35pm

Isithombe esingenhla: UDarwin Nunez ejabulela ukudlala ne-Manchester City

Umthombo wesithombe: @DarioAS

Izihloko zakamuva