I-Liverpool  ishaye ama-Wolves 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Kusukela ekunqanyulweni kwamandla kagesi kuya kwigoli elihle likaHarvey Elliott, umdlalo oyimpinda phakathi kwe-Wolves ne-Liverpool ulethe umlingo namaphutha  njengenhlalayenza kwi-FA Cup. Lo mdlalo uphele ngo 1-0, kunqoba iLiverpool.

Ngesikhathi nje odlala ophikweni ezama ukuthatha amandla, izibani ziye zacisha enkundleni kwamiswa umdlalo.

Ngesikhathi izibani sezikhanya abadlali be-Liverpool babe nekhono ngokwengeziwe futhi ngomzuzu ka-13 u-Elliott uye wadlala ibhola elihle kakhulu.

Lo mdlali (19) uphathe ibhola ephakathi kwesigamu sakhe elibhekise epalini futhi ushaye igoli elidlule uJose Sa phakathi kwamapali e-Wolves. Bekuyigoli elifanele ukuwinisa kunoma yimuphi umdlalo.

Futhi ube umdlali ovelele wosuku ngesikhathi amaWolves ehluleka ukubhalisa ngaphezu komzamo owodwa wegoli nokuthi i-Liverpool ibidlala kahle kakhulu esiwombeni sesibili.

UDiego Costa ubengomunye wabangene ezikhaleni zabanye kumaWolves  njengoba bebenamathuba amahle okuphoqa isikhathi esengeziwe. UMatheus Cunha ushaye ibhola ngekhanda lakhe ebholeni alinikwe uMatheus Nunes, kodwa uCaoimhin Kelleher wabambelela egolini le-Liverpool.

Umphumela ububalulekile kwi-Liverpool njengoba iphinde yadlala kahle ngemuva kokushaya i-Brighton ngempelasonto kanti izophinde ibhekane nayo njengoba ifuna ukuwina emdlalweni wayo womzuliswano wesine.

Esithombeni esingenhla: UHarvey Elliott

Umthombo wesithombe: @LFC

Izihloko zakamuva