I-Liverpool iguqise i-Tottenham Hotspur

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

Igoli likaMohamed Salah belanele ukusiza i-Liverpool ekunqobeni kwabo kokuqala kwe-Premier League ekuhambeni kule sizini.

Emdlalweni obekumele unqotshwe izinhlangothi zombili, kusize umgadli wase-Egypt owinise i-Liverpool ngamagoli amabili kwelilodwa enkundleni ye-Tottenham Hotspur.

Bekusele imizuzu engu-15 kuphela ngaphambi kokuthi uDarwin Nunez athole uSalah ngaphakathi, i-Spurs yenza iphutha lokumvulela izikhala eziningi ngaphambi kokuthi ibhola alifake phakathi kwenethi  ekhoneni elingezansi kwesokudla.

I-Liverpool iyona ebihamba phambili futhi lokhu kuphindeke kabili emizuzwini embalwa kamuva ngesikhathi umdlali wasemuva we-Tottenham, u-Eric Dier enza iphutha lokuvulela uSalah isikhala waphuca uHugo Lloris ithuba lokushaya igoli.

Bekungokokuqala ukuthi uSalah ashaye igoli emidlalweni elandelanayo kule sizini okwenza isibalo sakhe sifinyelele kumagoli ayisithupha kuze kube manje.

Uhlangothi luka-Antonio Conte belibukeka ludidekile futhi ukungabi khona kwethemba labo uHeung-Min Son kubenomthelela ekudlaleni kwabo.

Kodwa kuthe ngesiwombe sesibili ngesikhathi i-Tottenham inyusa igiya, ithole igoli lomgadli we-England uHarry Kane sekusele imizuzu engu-20 ukuthi kuphele umdlalo. 

Ngaphezu kokuhlaselwa sekwephuzile okuvela ohlangothini lwasekhaya, okwenziwe i-Liverpool kukhombisa ukuthi bahlala bezimisele ukubambelela ekuholeni kwabo umdlalo. 

I-Spurs izame ngakho konke, kodwa i-Liverpool nayo ibingazibekile phansi ibikhombisa ukuthi ifuna ukunqoba lo mdlalo.

Le bekuyimpendulo ephelele kaJurgen Klopp neqembu lakhe ngemuva kokuhlulwa ngamagoli amabili kwelilodwa i-Leeds United ngeledlule.

Ukuhlulwa kwe-Spurs kusho ukuthi basele ohlwini lamaqembu amane kanti basele ngamaphuzu amathathu kuphela ku-Manchester United esanomdlalo okumele iwudlale .

Kodwa-ke i-United izithole isihlulwa emdlalweni wesibili ngeSonto.

I-Aston Villa ngaphansi komphathi wayo omusha u-Unai Emery inqobe ngamagoli amathathu ihlula ama-Red Devils ngemuva komdlalo omuhle ekhaya.

Isithombe esingenhla sikhombisa uMohamed Salah ejabulela igoli lakhe

Umthombo wesithombe: @EspnFC

Izihloko zakamuva