Lubhalwe nguRazeen Gutta
Abanikazi bama-Reds, i-Fenway Sports Group (FSG) abakaze bathole izicelo mayelana neqembu yize uyise wesicebi esidumile emhlabeni, u-Elon Musk, ethe indodana yakhe ifuna ukulithenga.
Ubaba ka-Elon, u-Errol Musk, utshele i-Times Radio ukuthi indodana yakhe ibinentshisekelo ku-Liverpool kodwa ayizange iphawule ngesikhathi ibuzwa ngezicelo zokuthenga iqembu.
“Ngeke ngikwazi ukuphawula ngalokho, bazosuke bayinyuse imali,” usho kanje. Ngesikhathi ecindezelwa ngempendulo, unezele wathi: “Yebo, impela kunjalo. Kodwa lokho akusho ukuthi uzolithenga. Angathanda ukulithenga yena kube ngelakhe. Noma ubani angafuna ukulithenga, nami nje ngingathanda ukulithenga.”
Leli qembu libekwe endaweni yesine njengelibiza kakhulu emhlabeni ngabe-Forbes, ngenani elilinganiselwa ku-R100-billion.
Leso sibalo singu-1% wenani lemali ka-Elon Musk.
Abanikazi bamanje beqembu baseMelika i-FSG yathenga i-Liverpool ngo-2010 ngo-£300-million (± R7-billion); ngokusho kwe-Sky Sports, futhi abananhloso yokudayisa iqembu.
“I-Liverpool ayidayiswa. Abanikazi abakaze bathole izicelo ezivela kunoma ubani, okuhlanganisa naye u-Elon Musk futhi nanoma yimaphi amalungu omndeni wakhe,” kusho intatheli ye-Sky Sports News uKaveh Solhekol.
“Kuyiqiniso ukuthi cishe eminyakeni emibili edlule, abanikazi be-Liverpool bebefuna ukutshalwa kwezimali okuvela ngaphandle kodwa akukho okwenzeka ngemuva kwalezo zingxoxo.
“Ukube wayefuna ngempela ukuthenga i-Liverpool, akukho okungamvimba ngaphandle kwabalandeli be-Liverpool. Isithiyo sokuqala kungaba ukwenza abanikazi be-Liverpool ukuthi bathengise iqembu. Siyazi ukuthi yonke into inenani layo.”
Ubaba kaMusk uqhubeke wathi, engxoxweni yakhe ne-Times Radio, umndeni uxhumene kakhulu nedolobha lase-Liverpool – eqhubeka nokuchaza amahemuhemu aqhubekayo okuba nentshisekelo ngeqembu.
“Ugogo wakhe wazalelwa e-Liverpool, futhi sinezihlobo e-Liverpool, futhi saba nenhlanhla yokwazana namaBeatles amaningi ngoba akhule nabanye bomndeni wami,” esho.
Ngakho-ke, sinomlando e-Liverpool.
Esithombeni esingenhla: U-Elon Musk.
Umthombo: @watch_lfc