Menzi Magubane
Iqembu lesizwe lase-Liberia lingase lisingathe imidlalo yalo yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (i-Afcon) yango-2023.
Isizwe besilokhu sisebenzela ukulungisa inkundla yezemidlalo iSamuel Kanyon Doe (SKD) ukuze ihlangabezane nezidingo ezincane zokusingatha imidlalo yamazwe ngamazwe.
I-Liberia yagcina ukusingatha imidlalo yamazwe ngamazwe ngo-2019 kodwa ngoNhlaba ngo-2020 i-SKD yavalwa i-CAF. NgoNcwaba i-Fifa yavala izinkundla zayo zezemidlalo ngemuva kokuhlolwa okwengeziwe.
Kusukela lapho, ihhovisi likaNgqongqoshe belisebenza ngokumelene nesikhathi ukuthuthukisa izingxenye ezahlukahlukene zenkundla yezemidlalo kanti kube nokuhlolwa okuningi ngo-2020 nango-2021.
Ngo-2020 i-CAF yavumela i-SKD ukuthi isingathe umdlalo wayo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ye-Fifa yango-2022 ukuhlola ukuthi le nkundla yezemidlalo ikulungele yini ukusingatha eminye imidlalo. Kodwa-ke, ngemuva kokuhlolwa okwengeziwe ngo-2021 i-Fifa yavala i-SKD kanye nezinye izinkundla ezimbalwa e-Liberia ukuthi zisingathe imidlalo yamazwe ngamazwe.
I-Fifa ne-CAF baveze ukuthi mkhulu umsebenzi okumele wenziwe kule nkundla.
Umsebenzi omningi owawusenkundleni yezemidlalo wawuhlanganisa ukulungisa kabusha amagumbi okugqokela osokhaya nawezivakashi kanye nokufakwa kwezihlalo namashawa anamanzi ashisayo nabandayo ezindlini zokugeza. Igumbi lonompempe lidinga ukulungiswa, kanye ne-anti-doping, igumbi lokulawula umlilo, igumbi lokulawula uhlelo lokusebenza lendawo, igumbi lezokwelapha kanye nesikhungo sabezindaba. Khuthiwa lezi zindawo sezilungisiwe kanjalo nezinye izigaba zokuzama ukuhlangabezana nezidingo ze-Fifa ne-CAF.
Inkundla isilungisiwe njengoba sebefake i-artificial turf. I-Liberia isebenzise inkundla yezemidlalo i-Stade Mohammed V yase-Morocco njengendawo yayo yasekhaya emidlalweni yokuhlungela i-Afcon ngemuva kokugunyazwa i-CAF.
Bazobe benethemba lokuthi i-Fifa ne-CAF bazoba nombono ohlukile uma sekuhlolwa ngaphambi komdlalo wabo olandelayo wasekhaya ngomhlaka-27 kuMandulo bebhekene neBafana Bafana.
Bazovakashela iBafana enkundleni yezemidlalo i-FNB e-Soweto ngomhlaka-19 kuMandulo.
Umthombo wesithombe: @NewDawnLiberia