I-Leicester ne-Everton bahlukaniselane amaphuzu 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

I-Leicester City ne-Everton badlale ngokulingana ngo 2-2 emdlalweni obushubile we-Premier League enkundleni yezemidlalo i-King Power ngoMsombuluko ebusuku.

Umdlalo ophele ngokulingana uqale ngokuthi izivakashi zishaye igoli kuqala ngegoli likaDominic Calvert Lewin.

Lo mgadli waseNgilandi ushaye igoli ngemuva kwephenalthi phakathi nemizuzu engu-15 umdlalo uqalile kodwa akuphelanga sikhathi esingakanani amagoli ashaywe osokhaya alandela ngemuva anikeza izihlwele injabulo.

UCaglar Soyuncu owayedlalela i-Atletico Madrid ushaye into ecokeme ngaphambi kokuthi igoli likaJamie Vardy likhiphe i-Leicester ehlazweni.

Kube nengwijikhwebu ngesikhathi kuphela isiwombe sokuqala njengoba uFoxes ehlulekile ukwengeza igoli ngephenalthi yabo.

Kube uJames Maddison onqatshelwe igoli umdlali odlala emuva uJordan Pickford.

I-Everton ingene esiwombeni sesibili ivutha bhe. Abadlali bakaSean Dyche bathole igoli lokulinganisa elishaywe u-Alex Iwobi ngaphambi kokuthi kushaye ihora waphinde wenza i-Everton yahola phambili.

I-Everton ibe namathuba amaningi ngesikhathi i-Leicester iphethe ibhola. Womabili la maqembu akhombise izifiso zawo zokubalekela izembe futhi akukho okungawahlukanisa ngalobu busuku.

Osokhaya baphumile ohlwini lwamaqembu amathathu asemsileni ngokuhlukana ngamagoli ngesikhathi izivakashi zijabulela ukudlala ngokulingana ekuhambeni. Sekusele imidlalo emine kanti iphuzu elilodwa nje elihlukanisa la maqembu amabili. I-Leicester ihlezi endaweni yesi-16 kanti i-Erverton ihlezi endaweni yesi-19.

I-Leicester izovakashela i-Fulham kanti i-Everton izodlala ne-Brighton ngoMsombuluko ozayo ngaphambi kokuthi la maqembu amabili abhekane nemidlalo enzima yasekhaya ebhekene ne-Manchester City kanye ne-Liverpool ngokulandelana.

Esithombeni esingenhla: UJordan Pickford

Umthombo wesithombe: @premierleague

Izihloko zakamuva