Sizwe Sibiya
Ukugubha usuku lokuzalwa lomrepha ongasekho uRiky Rick indawo yokugunda amakhanda ebizwa nge-Legends Barbershop yethula kabusha i-Waterfall Corner Barbershop yayo e-Midrand e-Gauteng kanti bazogunda izinwele mahhala.
URiky Rick okubikwa ukuthi wazibulala esitudiyo sakhe sokuqopha eGoli ekuqaleni kukaNhlolanja ubezohlanganisa iminyaka engu-35 ngoLwesithathu.
Futhi ukugubha usuku lwakhe lokuzalwa umngani wakhe oseduze kanye nomsunguli we-Legends Barbershop Sheldon Tatchell uqhuba iphromoshini ekhethekile yokupha.
“I-Legends Barbershop izogunda abantu abangu-35 abazofika kuqala mahhala ngaphansi kombandela wokuthi uzoletha izingubo zokugqoka noma izingubo zokulala ezifudumele zezingane ezihlala ekhaya lezintandane ngoba izandla ziyagezana kumele sisizane njengomphakathi,” kubhala umfowabo kasaziwayo uKhanyi Mbau uLasizwe ku-@Twitter.
Kunezitolo zokugunda ze-Legends Barbershop ezingaphezu kuka-50 ezisabalele e-Botswana, e-Lesotho nase-Namibia.
URiky Rick owayekhiphe i-albhamu eyodwa kuphela ethi-Family Values ngo-2015 kuwo wonke umsebenzi wakhe washiya umkakhe uBianca Naidoo, izingane zakhe ezimbili uMalik noJordan kanye nomama wakhe uLouisa Zondo.