Razeen Gutta
I-KFC yase-France isisongela ukuthatha izinyathelo zomthetho ngemuva kokuthi umgadli we-PSG uKylian Mbappe enqabile ukuhlonipha izibopho zakhe zokuxhasa iqembu lesizwe.
UMbappe ukhethe ukungalibambi iqhaza ezithombeni zeqembu lesizwe kuleli sonto njengoba engafuni ukuncoma eminye yemikhiqizo okuhlanganisa i-KFC kanye nezinye izinkampani zokudla okusheshayo nezinkampani zokubheja.
“Ngithathe isinqumo sokungabambi iqhaza ekuthwebuleni izithombe ngemuva kokwenqaba komfelandawonye wase-eFrance ukushintsha isivumelwano samalungelo ezithombe nabadlali,” kusho uMbappe esitatimendeni.
Njengoba i-KFC ingenye yezinkampani enezinkontileka neqembu lesizwe, isikhulu salolu chungechunge sithe bacabanga ukusukumela lolu daba.
“Sikhokhile umangoba bekunesidingo, sizolwela amalungelo ethu,” kusho isekela likaMengameli we-KFC France u-Alain Beral etshela i-Sport Business Club.
“I-French Football Federation (i-FFF) idinga imali futhi i-KFC ivumile ukuthi izokhokha ukuze ibe nesithombe salokho esikukhokhelayoe.
UMbappe uzibophezele ne-Federation ukukhiqiza isithombe esihlangene nabanye abadlali okungenani abane. Sizoyeka ukukhokha bese kuba kanjalo.
“Lokhu sizokulandela kakhulu ngoba beasayine inkontileka futhi leso sinqumo kumele sihlonishwe.
I-FFF isiphendulile esicelweni sikaMbappe sokushintsha isivumelwano samalungelo ezithombe yathi sizobuyekezwa.
Umthombo wesithombe: @InsideSport