Dylan Bettencourt
Isizwe sama-Talai nama-Kipsigis e-Kenya sisola uhulumeni wase-Britain ngamacala akudala futhi zifuna ukukhokhelwa isinxephezelo sika-R3.3 trillion.
Isizwe sase-Kenya siyise uhulumeni wase-UK eNkantolo yase-Europe Yamalungelo Abantu ngezinsolo zokweba umhlaba, ukukhishwa kwabantu ezindlini zabo kanye nokuhlukunyezwa ngesikhathi sombuso wamakoloni.
Zombili lezi zizwe zifuna kuxoliswe ngamacala okuthiwa enziwa e-Kericho entshonalanga yase-Kenya okuyizindawo ezihamba phambili ngokukhiqiza itiye kuleli.
“Uhulumeni wase-UK uzame zonke izindlela zokuvika nokubalekela lamacala wagwema zonke izindlela zokulungisa,” kusho uJoel Kimutai Bosek omunye wabammeli abafake icala esho ngoLwesibili.
“Akukho esingakwenza ngaphandle kokuthi siqhubekele phambili eNkantolo ukuze kulungiswe umlando.”
Lezi zizwe ziveze ukuthi abantu bazo bakhishwa ngendluzula kule ndawo ukuze kwakhiwe amasimu etiye.
Isizwe sama-Talai kuthiwa samelana nokuxoshwa futhi sajeziswa ngokuvalelwa esigodini esigcwele imiyane, bashona ngenxa yalesi senzo.
Ngemuva kokuba i-Kenya iphinde yathola inkululeko ngo-1963 abasindile bazizwa babuyela emuva, kodwa bakha eduze kwensimu yetiye.
“Namuhla ezinye zezinkampani zetiye ezichuma kakhulu emhlabeni njenge-Unilever, i-Williamson Tea, i-Finlay’s kanye ne-Lipton zithatha futhi zilima lezi zindawo ziqhubeke nokuzisebenzisa ukuze zenze inzuzo enkulu,” lezi zizwe zitshele i-The Times.
I-United Nations (i-UN) phambilini ikuqinisekisile ukuthi abantu abangaphezu kwengxenye yesigidi endaweni yase-Kericho kwahlukunyezwa amalungelo abo ngaphansi kombuso wamakoloni wamaNgisi. I-UN nayo ibikhathazekile ngokungabi bikho kokuziphendulela ngokuphulwa komthetho.
Lezi zizwe ziphinde zasola uhulumeni wase-Britain ngokubulala okungekho emthethweni, ukudlwengula nokuhlukumeza phakathi kuka-1902 no-1962.
Uhulumeni wase-UK waphendula ngo-2013 ethi uxolisile futhi wavuma ukunxephezela abantu base-Kenya abathintekayo e-Mau Mau.
Kodwa isizwe sama-Talai nesama-Kipsigis sithi icala labo lehluke kakhulu.
INkantolo yase-Europe Yamalungelo Abantu manje kufanele inqume ukuthi izolilalela yini icala noma cha noma iqhubeke nokuqulwa kwecala.
Umthombo wesithombe: @TheEconomist