I-Kenya iphinde yazibonakalisa ngokubuya nendondo yegolide

Dylan Bettencourt

I-Kenya izuze indondo yegolide yeshumi kumqhudelwano we-African Athletics Championships ngeSonto kantu isidlula iqembu lakuleli ngendondo yegolide eyodwa. 

Sekungokwesibili kulandelana i-Kenya iqeda imiqhudelwano ngezindondo zegolide eziningi.

I-Kenya iqede lo mqhudelwano ngezindondo ezingu-23 sezizonke kanti elakuleli liphume isibili inezindondo ezingu-36.

Bobabili i-Nigeria ne-Algeria bawine izindondo zegolide ezinhlanu manje babanga indawo yesithathu ngaphambi kwe-Botswana ne-Ethiopia enezindondo ezine zegolide umuntu ngamunye.

I-Burkina Faso ithole izindondo ezimbili zegolide njengoba amazwe ayisithupha eqeda umqhudelwano izwe ngalinye linendondo eyodwa yegolide. 

Ayikho neyodwa indondo yegolide ejabulisa njengalena etholwe umsubathi wase-Nigeria yokuqala ngqa u-Aminatou Seyni eqophe umlando emjahweni ka-200m. 

USeyni wehlule ingqalabutho yaseMelika u-Allyson Felix ngokuwina indondo yegolide.

“Lena indondo yami yokuqala yegolide kanye nendondo yokuqala yegolide e-Nigeria. Ngijabule kakhulu futhi ngiyaziqhenya ngendlela engenze ngayo,” kusho uSeyni etshela i-BBC Sport.

Lo mqhudelwano obuse-Mauritius ube nezinkinga njengoba imvula enamandla nomoya onamandla kwenze kwaba nzima ukuhlela lo mqhudelwano.

Umpetha ka-200m kwabesilisa uLesile Tebogo wase-Botswana uthe abasubathi baphuthunyiswe emijahweni obungaholela ekulimaleni.

“Indondo isho lukhulu kimina izongenza ngiphushe kanzima ukuze ngitholele izwe lami izindondo eziningi,” kusho umsubathi wase-Nigeria.

“Izimo bezingezinhle ngoba bengingakazifudumezi ngokwanele saphuthuma ukuyongena emjahweni kanti nemvula ibiyidliva kakhulu. Kodwa kumele wenze konke okusemandleni ukuze abantu abakwesekayo bajabule.”

Uhlelo lomdlalo wesi-23 luhlelelwe ukuthi lwenzeke ngonyaka ka-2024 lapho i-Cameroon izosingatha khona imidlalo. 

Umthombo wesithombe: @TimeNews

Izihloko zakamuva