Dylan Bettencourt
Iqembu lebhola laseNingizimu Afrika liqale umdlalo wabo ne-Japan kuma-Olimpiki ase-Tokyo ngowezi-2020 nezindaba ezimbi zabadlali ababili nomhlaziyi wamavidiyo abatholakale ukuthi banegciwane ngemuva kokufika kwabo e-Olympic Village.
Lokhu kulandelwe ngamalungu eqembu angama-21 okuthiwa ebesondelene nabo ngoMsombuluko, okuphoqe ukuthi baphuthe izikhathi ezimbili zokuziqeqesha njengoba bebegonqile ezindlini zabo.
Umqeqeshi uDavid Notoane kuningi okusamele akwenze ngemuva kokuthi iqembu lakhe lihlulwe yi-Japan ngo 1-0 emdlalweni wabo wokuqala wama-Olympiki.
Bekubusa i-Japan enkundleni, kodwa uNotoane kumele abonge uRonwen Williams ngokugcina iqembu lakhe kulo mdlalo. Kodwa udonga lugcine ludilikile ngomzuzu wama-70 ngesikhathi uThatfusa Kubo evula amaphuzu ngokushaya igoli elihle ekhoneni elingezansi lenethi.
INingizimu Afrika izamile ukudlala ku-counter attack ngaphandle kwempumelelo yathola ithuba ngomzuzu wama-77, kodwa ukaputeni uRepo Malepe uvele wathumela ibhola laqonda ngqo kunozinti wase-Japan.
Emizuzwini eyi-15 yokugcina yomdlalo iqembu laseNingizimu Afrika libonakale lenza konke okusemandleni alo, kodwa ekugcineni akubanga nandaba njengoba behlulekile ukushaya igoli.
Kodwa-ke akukho okulahlekile. Elakuleli lizobhekana ne-France emdlalweni okumele bawunqobe ngeSonto uma bezohlala kulo mqhudelwano. Umdlalo uzoqala ngehora le-10 ekuseni.
Umthombo wesithombe: @SuperSport