Lubhalwe nguRorisang Modiba
I-JAC Motors ithi uNgizwe Mchunu wayeka ukusebenzisana nabo ngo-2023 futhi inkulumo yakhe emelene nabantu abathandana nobulili obufanayo ayihambisani nezimiso zabo zokuhlonipha nokungenzeleli.
I-SA Human Rights Commission iphenya ukuphawula kukaNgizwe ngemuva kokuthi abantu bekhale ngokuthi ubegqugquzela inzondo nokucwasa.
I-JAC Motors South Africa ithi ayihlangene nosaziwayo uNgizwe Mchunu ngemuva kokuphawula kwakhe ngabantu abathandana nobulili obufanayo.
Le nkampani esitatimendeni ithe isikhathi sikaMchunu njengenxusa lomkhiqizo siphele eminyakeni emibili edlule.
“Sifisa ukukucacisa ukuthi isivumelwano sobunxusa noMnuz Ngizwe Mchunu saphela ngo-2023. Ngemuva kwalokho wazithengela yena imoto yakhe,” kusho inkampani.
I-JAC Motors nayo ithe ayihambisani nakushoyo.
“I-JAC Motors South Africa kanye ne-JAC Halfway bayaphika futhi bayaziqhelelanisa nanoma yiziphi izitatimende ezinenzondo noma ezicwasayo ezenziwa nguMnu Mchunu,” sifundeka kanjalo isitatimende.
“Le mibono ayihambisani nemigomo yethu. Seseka inhlonipho nokulingana kwawo wonke umuntu.”
UMchunu ube sematheni ngemuva kokusabalala kwevidiyo emkhombisa esola abantu abathandana nobulili obufanayo ngezinkinga zaseNingizimu Afrika. Ubalule nosaziwayo uSomizi Mhlongo, wathi akahambe kuleli.
Abantu abaningi kanye nezishoshovu zamalungelo abantu bacele i-JAC Motors ukuthi inqamule bonke ubuhlobo noMchunu.
Isishoshovu samalungelo abantu, uMxolisi Makhubu, sithe kuyakhathaza ukuthi umuntu ogqugquzela inzondo umataniswa nomkhiqizo owaziwayo.
Ngempelasonto uMchunu ukhishwe emakethe yaKwa Mai-Mai eGoli ngemuva kokuqubuka kwempi. Kudingeke ukuthi kungenelele amaphoyisa ukudambisa isimo.
ISouth African Human Rights Commission isikuqinisekisile ukuthi iyazicubungula izikhalo mayelana nokuphawula kukaMchunu ukuze kubonakale ukuthi uyiphulile yini imithetho yenkulumo enenzondo.
Osesithombeni esingenhla: UNgizwe Mchunu.
Umthombo wesithombe: Ifayela
