I-Ivory Coast isebenzisa imidlalo ye-Afcon ukugqugquzela abalandeli ukuthatha umjovo we-Covid-19

Dylan Bettencourt

Umnyango wezempilo e-Ivory Coast usuthathe elinye igxathu ekulweni ne-Covid 19 njengoba usuhambela ezinkundleni zemidlalo ukhuthaza abalandeli ngokuhlolela igciwane, ukugqokwa kwezifonyo nokugcinwa kwemibandela yokulwa nokhuvethe.

Cishe bangu-14% kuphela abantu base-Ivory Coast asebethole umjovo we-Covid-19 kuze kube manje futhi izwe lifisa ukuba inani labantu asebegomile liphindeke kabili ngoNhlangulana.

Ibhola liwumdlalo odumile kuleli. Amakhulu abantu athutheleka ezindaweni zabalandeli be-Cup of Nations phakathi nedolobha i-Abidjan, lapho kuboniswa khona imidlalo kuma-screens amakhulu.

Izindawo zabalandeli zidinga wonke umuntu ukuthi afake isifonyo, kanjalo nezitolo ziqwashisa ngobungozi be-Covid-19. Ukuhlolwa kwe-PCR okusheshayo kanye nomjovo we-Covid unikezwa wonke umlandeli emitholampilo engomahambanendlwana emiswe endaweni ezungeze ipaki. 

“Sifike nemigomo ye-Covid ukuze sifundise abantu mayelana nokugqokwa kwezifonyo kanye nokuhambisana nezinyathelo zokuzivikela,” kusho uSerge Yao Djezou, umphathi obhekelela ukuzivikela kwi-Covid-19 endaweni yabalandeli e-Yopougon.

Ukutheleleka kwabantu nge-Covid-19 kunyuke emasontweni adlule kanti i-Abidjan iyona ndawo eyisizinda lapho abantu betheleleka khona kakhulu ngenxa yegciwane elihlukile elibizwa nge-Omicron elisabalala ngokushesha.

Umlandeli webhola uJean-Jacques Bakayoko utshele abe-Reuters ngemuva kokuthola umjovo endaweni yabalandeli e-Yopougon ukuthi: “Ngigqugquzelwe umdlalo we-Ivory  ukuthi ngithathe umgomo we-Covid-19.”

Izwe, elaziwa ngokuthi i-Cote d’Ivoire ngolwimi lesi-French, selinesibalo sabantu abangu-79, 000 abane-Covid-19 selokhu kwaqala lolu bhubhane, kanti bangu-753 abantu asebeshonile. 

Umthombo wesithombe: @AS

Izihloko zakamuva