I-Italy iwine isicoco se-Euro ihlula i-England

Dylan Bettencourt

Ekugcineni konke bese kulele ezandleni zendodana eneminyaka eyi-19 ubudala yabazali base-Nigeria ukuthi ikhahlele iphenalthi ezogcina amathemba e-England okunqoba indebe yabo yokuqala enkulu eminyakeni engama-55.

Ngeshwa uyigejile iphenalthi – kanti sonke sizwelane naye uBukoya Saka ngento angeke ayikhohlwe futhi uzoykhumbula impilo yakhe yonke – njengoba ne-Italy ikujabulelile ukugejwa kwephenalthi.

Ukugeja kuqinisekise ukuthi i-Italy izokwehlula i-England ngo-3-2 kumaphenalthi ngemuva kokulwa kanzima bebonke bedlala ngokulingana kwi-Euro e-Wembley.

I-England yehlulekile ekugcineni njengoba i-Italy iwine isicoco sabo sesibili se-Euro okokuqala kusukela ngowezi-1968. Bekuwumdlalo onzima obunganqotshwa noma ngubani, kodwa amadoda kaRoberto Mancini aphume phambili.

ULuke Shaw ushaye igoli ngomzuzu wesibili enikeza ama-Three Lions ase-England ukuhola embukisweni omuhle wesiwombe sokuqala lapho bebebukeka bekhululekile futhi bezethemba khona. Kodwa-ke, i-Italy ibuyele emdlalweni ngesiwombe sesibili futhi yathatha lelo thuba ngezandla zombili.

ULeonardo Bonucci ushaye igoli lokulinganisa kanti iqembu lakhe yilona ebelilawula, kodwa womabili amaqembu ahlulekile ukuzimisela ngendlela njengoba umdlalo ungene esikhathini esengeziwe kanye nesamaphenalthi.

Ngesikhathi kuqala lo mncintiswano i-Italy ibingesilo iqembu eliyizintandokazi kangako, kodwa uMancini wenze umsebenzi omkhulu ngokuthatha uhlangothi olungaphumeleli waqopha umlando ngokunqoba ebholeni lamazwe omhlaba laseYurophu ngokudlala imidlalo engama-33 engahlulwa.

Ngenkathi womabili amaqembu ebheke kumaphenalthi, umgadli wesibili wase-Italy u-Andrea Belotti ngesikhathi ekhahlela ibhola livinjwe ngunozinti we-England uJordan Pickford, okunikeze ithemba eqenjini lase-England.

Kodwa-ke i-England igeje amaphenalthi amathathu kulandelana, kufaka phakathi nelikaSaka, okunikeze i-Italy umqhele futhi kwaveza iminyaka emibili emangazayo yama-Azzurri avuke azicosha ngemuva kokwehluleka ukuthola iNdebe yoMhlaba ngowezi-2018.

I-England nokho akufanele ibe namahloni njengoba ikufakazelile ukuthi inakho okudingekayo ukuze ibhekwe njengelinye lamaqembu amazwe ahamba phambili emhlabeni. Bazongena emncintiswaneni weNdebe yoMhlaba ka-2022 njengenye yezintandokazi ngaphansi kokuqeqeshwa nguGareth Southgate.

Umthombo wesithombe: @ Euro2020

Izihloko zakamuva