Lubhalwe nguZukile Majova
Ibamba likaMengameli uGwede Mantashe livikele icala laseNingizimu Afrika elimelene ne-Israel kumcimbi wokugubha usuku lwenkululeko, ecela abazalwane (Christians) ukuthi banqabe udlame olubhekiswe kuma-Palestine.
●Ibamba likaMengameli uGwede Mantashe ligxeka u-Israel ngokuqhubeka kwawo ngokuhlasela i-Palestine, ukukhulume lokhu emcimbini wokugubha usuku lwenkululeko.
● Icala laseNingizimu Afrika ngokumelene ne-Israel likuthola kunzima ukuthola ukwesekwa abazalwane (Christians) ekhaya.
Ibamba likaMengameli waseNingizimu Afrika uGwede Mantashe usebenzise isikhathi sakhe esifushane ehhovisi ukukhombisa ukuzwela ngokuhlasela kwe-Israyeli e-Palestine.
Ekhuluma emcimbini omkhulu wokugubha usuku lwenkululeko e-AJ Swanepoel Stadium e-Ermelo,
EMpumalanga, uMantashe weseka icala leNingizimu Afrika elimelene nokubulala kuka-Israel eNkantolo Yobulungisa Yezizwe Ezihlangene.
Ekhuluma ikakhulukazi nabazalwane, uMantashe unxuse izakhamizi ukuthi zenqabe udlame lwase-Israel.
“Ngiyazi njengoba ningamaKrestu nicabanga ukuthi i-Israyeli uyizwe elikhethiwe kodwa noma ngabe wena ukholelwa kulokho, akukho okubanika igunya lokubulala abantu ngobuningi babo,” kusho yena.
Abantu abaningi baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi labo abavela ezizindeni zobuKristu, abakaze baxhumane nodaba lukahulumeni olubhekene ne-Israel. Esikhundleni sokuyibona njengempi yamalungelo abantu, abanye bayibheka njenge-ANC evikela amadlelandawonye afana ne-Hamas, i-Yemen ne-Iran.
Abaholi be-ANC, begqoke ama-keffiyeh ase-Palestine, bayehluleka ukwenza isizwe sibone ukuthi ukuma kwabo ngokumelene ne-Israel akusekelwe kwezombusazwe.
UMantashe, onguSihlalo kazwelonke we-ANC, ube yibamba likaMengameli ngemuva kokuthi uMnuz Cyril Ramaphosa ebanjwe umkhuhlane kanti iPhini likaMengameli uMnuz Paul Mashatile lihambele umngcwabo womndeni.
Uthe iNingizimu Afrika izoqhubeka nokweseka abantu abacindezelwe emhlabeni wonke okubalwa abase-Western Sahara, i-Sudan, i-Eastern DRC ne-Yemen.
“Sizibophezele ekudlaleni indima yethu ukuqeda izingxabano nokuhlupheka nezimpi.
Lokho kuwukungenelela kwethu njengezwe,” kusho yena.
UMantashe uphinde wabhekisa ngaseMelika kanye noMengameli uDonald Trump, abasola iNingizimu Afrika ngokubulawa kwabalimi abamhlophe kanye nokudliwa komhlaba.

“Siyizwe elikhululekile, siyizwe elizimele,asisona isifundazwe sase-United States.
Ngeke sivumele noma ubani ukuthi asichaze, asitshele ukuthi senzeni noma singobani. Kufanele senqabe yonke
imizamo yokusihlukanisa noma yokusicwasa ngokwebala,” kusho uMantashe.
Osesithombeni esingenhla: Ibamba likaMengameli uGwede Mantashe.
Umthombo wesithombe: GCIS