I-Israel ifuye izigelekeqe

Arthur Greene

INingizimu Afrika ingase ingawutholi u-R95 million owantshontshwa nguRonald noDarren Bobroff ngemuva kokuthi abammeli abangamaqili bakhokhela izwe lakwa-Israel u-R70 million ukuze bangangeni ejele.

Abameli bendodana noyise bazogcina u-R25 million wemali yabo eyantshontshwa kanti amacala abo obugebengu azohoxiswa, kodwa izisulu zomgwaqo zaseNingizimu Afrika okuntshontshwe kuzo zingase zingaphinde ziyithole imali yazo.

AbakwaBobroffs babalekela e-Australia ngonyaka ka-2016 ngesikhathi oKlebe bekhipha izincwadi ezigunyaza ukuboshwa kwabo.

Babesolwa ngobugebengu okwathi ngokuhamba kwesikhathi batholwa benecala lokukhokhisa izisulu ngokweqile ezazithola imiklomelo yemali yokulimala yakwa- Road Accident Fund kanye nokushushumbisa imali eyebiwe.

Le mali yagcinwa kuma-akhawunti asebhange akwa-Israel amiswa i-South African Asset Forfeiture Unit (i-AFU) ngo-2017.

Nokho engagculisekile ngokweqa ejele kanye nokucebe ngo-R25 million, uDarren Bobroff uthi wayesatshiswa futhi waphoqwa ukuthi asayine isivumelwano esingemuva neziphathimandla zakwa-Israel ngonyaka odlule.

Lokhu kungase kumise izindlela zokuthi iNingizimu Afrika ikwazi ukuphinde ifune ukubuyiselwa imali eyantshontshwa ngabakwaBobroffs.

INkantolo eNkulu yaseNingizimu Afrika yokuDluliswa kwamaCala yakhipha isinqumo ngoNhlaba nyakenye sokuthi le mali kumele ibuyiselwe kuhulumeni njengoba bekuyinzuzo yobugebengu.

Kodwa-ke abakwaBobroffs noma umbuso wakwa-Israel abazange bazise noma  izinkantolo zaseNingizimu Afrika ngesikhathi benza isivumelwano sokuhlukanisa imali eyebiwe.

I-National Prosecuting Authority ithe babikelwa ngalesi sivumelwano ngemuva kwenyanga senziwe mhla ziyisithupha kuMbasa nyakenye.

Okhulumela i-NPA iJaji uMthunzi Mhaga ukuqinisekisile kwi-Moneyweb ukuthi abakaze batshelwe ngesivumelwano esiyimfihlo.

“Okuwukuphela kwesiphakamiso i-AFU [I-Asset Forfeiture Unit] eyasithola kuma-Israel emuva kokuba sekuxazululwe isivumelwano sasiwukwabelana imali engu-R14.5 million neNingizimu Afrika njengophawu lokubonisana okuhle phakathi kwamazwe. Le abayenzile ayamukelekile kwi-AFU,” kusho uMhaga etshela leli phephandaba.

Izihloko zakamuva