I-Ireland inenebule iScotland kwelombhoxo 

Lubhalwe nguLucky Maree

Njengawo wonke umhlaba webhola lombhoxo cishe abadlali be-Scotland bebebukele bemangele ngendlela i-France ehlule ngayo i-England ekuqaleni kwale mpelasonto. Cishe i-Scotland sizizwe singcono ukuthi sihlulwe i-France ngamaphuzu angu-11 kuphela ngenyanga edlule.

Bakholelwa ekutheni uma elakuleli, i-Ireland kanye ne-Scotland zihlangana ku-Pool B kwiNdebe yoMhlaba i-Scotland yisona esizohlulwa. Mhlawumbe namuhla sizokuthola lokho.

Ngesikhathi kuculwa amaculo esizwe e-Murrayfield, uGregor Townsend neqembu lakhe bebazi ukuthi kuzofanele badlale ngokukhululeka ukuze banikeze i-Ireland ebonakala ibheke kwi-Six Nations Grand Slam noma yiluphi uhlobo lomqhudelwano.

Ngemuva kwemizuzu eyisithupha i-Scotland siphonse ngokushesha ngendlela engalungile i-Ireland yathatha ibhola yashaya igoli. Cabanga ukuthi uJohnny Sexton ubenjani ebusweni ngesikhathi unompempe emtshela ukuthi ayikho i-try ngoba kusetshenziswe ibhola elingalungile.

Ukuzivikela kwe-Scotland bekuqinile ngesikhathi ivikela ulayini wayo we-try, kodwa babenengcindezi futhi bekukhombisa. Ngemuva kwemizuzu engu-12 i-Ireland kufanele ngabe iye yagculiseka ngamaphenalthi nje ayinike amaphuzu amathathu.

I-Scotland sikwazile ukuyisa umdlalo emgqeni we-try yase-Ireland futhi ngemuva kwemizuzu engu-20 uHuw Jones uye watshuza wanikeza i-Scotland i-try yokuqala yomdlalo. Akusho ukuthi i-Scotland sizowina, kodwa ngokuqinisekile isiqalo esihle kakhulu.

Ibhola lombhoxo elisezingeni eliphezulu liye laqhubeka eminye imizuzu eyishumi kanti naphezu kokuvikela okuhle kukaDuhan van der Merwe, uMackenzie Hansen uye washaya igoli ngqo ebhekene nomugqa wokuthinta. UVan der Merwe uye wabandakanyeka ebholeni elihle ngesikhathi uFinn Russell emnika ibhola elihle, kodwa wavuma inhlawulo yokubamba wenza ukuthi  i-Ireland iphume.

Ngesikhathi sekusele imizuzu emihlanu ukuthi umdlalo uphele, i-Ireland iphinde yaba sesimweni sokushaya amagoli, kodwa yaphinda yehluleka. Kuyacaca ukuthi leli qembu lase-Scotland alazi ukuthi kufanele libe ngaphansi.

Ekupheleni kwesiwombe sokuqala i-Ireland ibihola phambili ngephuzu elilodwa, kodwa eqinisweni ibingenza kangcono kunalokho.

Ngokuqala kwesiwombe sesibili umdlalo uye washuba nakakhulu. Umbono wokuthi i-Scotland siyiqembu elibekwe phansi into ekude kakhulu.

Ngemizuzu engu-56 nemizuzwana engu-17 udonga lwe-Scotland luye lwabhidlika ngesikhathi uJames Lowe eshaya amaphuzu ekhoneni lesokunxele. USexton uye washaya i-convertion wenza i-Ireland yahola ngamaphuzu ayisishiyagalombili. Mhlawumbe isimo sesishintshile.

UJack Conan ushaye i-try kungakapheli umzuzu owodwa. USexton washaya i-convertion emugqeni we-try. Yebo, isimo sesishintshile.

Ngesikhathi sekhefu beyingekho inkulumo emayelana nokuzama amaphuzu ebhonasi kodwa ngesikhathi sekusele imizuzu eyishumi i-Ireland ibisisele kancane ekutheni ithole i-try yesine.

Emazingeni abandayo impempe yokugcina iye yakhala kanti i-Scotland sikwazile ukuthola iphuzu elilodwa kuphela, i-Ireland ishaye ama-try amathathu nephenalthi – futhi lokho ukuwina okuphelele, kodwa i-Scotland silwe kwaze kwaba ekugcineni.

I-Scotland (1 try) 7-22 i-Ireland (3 try)

Esithombeni esingenhla: I-Ireland

Umthombo wesithombe: @irishpropaganda

Izihloko zakamuva