
Dylan Bettencourt
I-Iraq ne-United Arab Emirates bazodlala imidlalo yabo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba yango-2022 e-Baghdad ngemuva kokuba i-Fifa ihoxise umthetho owawuvimbela i-Iraq ukusingatha imidlalo okwase kuthathe iminyaka eyishumi ngenxa yezokuphepha.
Izikhulu zase-Iraq zikuqinisekisile ukuthi umdlalo obekumele udlalwe e-Jordani noma e-Qatar ngomhlaka-24 kuNdasa usususiwe kuleliyazwe ngemuva kokuthi inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni ibanike imvumo yokuthi basingathe lo mdlalo.
“NgeSontp sithole isaziso esisemthethweni esivela kwi-Fifa siqinisekisa ukuhoxiswa kokuvinjelwa kwazo zonke izinkundla zase-Iraq,” kusho okhulumela i-Iraqi Football Association u-Ahmed al-Moussaoui etshela i-AFP.
“Singakwazi ukusingatha imidlalo enkundleni yezemidlalo i-Al-Madina enhlokodolobha noma kwezinye izinkundla ezimbili”.
Inkundla yezemidlalo yedolobha elikhulukazi ibigcwele abantu abaningi emdlalweni obuphakathi kwe-Iraq ne-Uganda ngenyanga edlule. Lona bekuwumdlalo wokuqala kuleli dolobha kusukela i-Liberia yavakasha ngo-2013 ngesikhathi ukuvinjelwa okwenziwa i-Fifa kuqala.
I-Fifa yakususa okwesikhashana ukuvinjelwa kwayo ngo-2019 emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba phakathi kwe-Iraq ne-Hong Kong kodwa yabuyisela leso sigwebo ngemuva nje komdlalo.
Iziphathimandla e-Iraq zichithe izinyanga ezedlule zisebenzela ukuqinisekisa ukuthi umdlalo webhola ungadlalwa edolobheni okuyimanje elivuselelwayo njengoba kufakazelwa imibukiso yezincwadi nemibukiso yobuciko kulo lonke idolobha.
Kodwa-ke ukuhlunyeleliswa kwezimilo akulona iphutha njengoba isizwe sisakhungethwe wudlame izikhathi eziningi.
Iqembu lebhola lezinyawo lase-Iraq lisebenzise izinsiza emazweni angomakhelwane emidlalweni yalo yasekhaya ngenkathi ukuvinjelwa kusasebenza.
Ngenxa yokungqubuzana amashumi eminyaka, izikhungo zebhola kuleli seziwile. Kukhona inkundla yezemidlalo i-Al-Madina kuphela enhlokodolobha kanye nezinye izinkundla ezimbili ezisetshenziswayo.
I-Iraq isangene kanye kuphela kwiNdebe yoMhlaba – ngo-1986. Banethemba lokuthi bazovela okwesibili ngasekupheleni kwalo nyaka.
Umthombo wesithombe: @Eurosport