I-Iran igubuzelwe ifu elimnyama kushona uMengameli

UMengameli wase-Iran u-Ebrahim Raisi ushonile engozini yendiza enophephela emhlane, ngoksho kukahulumeni wase-Iran. Uphinde waqinisekisa ukuthi noNgqongqoshe wezangaPhandle uHossein Amir-Abdollahian kanye nabanye abayisikhombisa nabo bashone kulokhu kuphahlazeka.

Ukushona kukaRaisi kuza ngesikhathi esinzima e-Middle East, njengoba kuqubuka impi e-Gaza. Indiza enophephela emhlane ephahlazeke emasontweni ambalwa i-Iran iqale ukuhlasela kwa-Israyeli nge-drone-and-missile iziphendulela ngemuva kokuhlaselwa kwesikhungo sayo sezikhulu e-Damascus.

UMengameli obeneminyaka engu-63 ubudala, obemele amaqembu aphikisayo futhi aqinile kwezombusazwe zase-Iran, ube nguMengameli cishe iminyaka emithathu, futhi bekubonakala sengathi uzongenela ukhetho kabusha ngonyaka ozayo.

URaisi wayengumahluleli omkhulu wangaphambili, owaphakanyiswa njengomuntu ongangena esikhundleni sika-Ayatollah Ali Khamenei umholi wase-Iran oneminyaka engu-85.

URaisi uzame izindlela eziningi ekhuluma kusukela kuqale impi yase-Gaza ngoMfumfu egxeka ukubulawa kwabantu okwenziwe u-Israyeli ngokumelene nama-Palestina, futhi wacela umphakathi wamazwe ngamazwe ukuba ungenelele.

Uthembise ukuziphindiselela kwa-Israyeli ngemuva kokudiliza isakhiwo senxusa lase-Tehran e-Syria futhi kwashona amalungu ayisikhombisa e-Islamic Revolutionary Guard Corps (IRGC), okuhlanganisa nama-generals amabili.

URaisi wamukele ukuziphendulela kwe-Iran ngama-drones nama-missiles kwa-Israel, iningi lawo elahlakaza umfelandawonye wabalingani bakwa-Israel. I-Iran isafuna impumelelo isiyonke.

Ngemuva komhlangano wekhabhinethi ophuthumayo olandela ukushona kukaRaisi no-Amir-Abdollahian kunqunywe ukuthi iPhini likaMengameli wase-Iran, uMohammad Mokhber, nguyena ozophatha izintambo zikaMengameli.

Amazwe amaningana athumele imiyalezo yenduduzo e-Iran, uNdunankulu wase-Pakistan uShehbaz Sharif ememezele ukuthi izwe lizogcina usuku olulodwa lokuzila futhi nefulegi layo lizondizela phansi kulandela ukushona kukaMengameli.

Kulindeleke ukuthi izwe libambe ukhetho ezinsukwini ezingamashumi amahlanu kulandela ukushona kukaMengameli walo okungalindelekile.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe ngenhla: Indiza enophephela emhlane ebithwele uMengameli wase-Iran u-Ebrahim Raisi isuka, eduze komngcele we-Iran-Azerbaijan ngomhlaka-19 kuNhlaba. Indiza enophephela emhlane yaphahlazeka kamuva.

Umthombo wesithombe: Ali Hamed/Irna/Wana/Reuters

Izihloko zakamuva