ULungani Zungu noSizwe Sibiya
Kubikwa ukuthi i-iPhone isindise impilo yomnikazi we-Max Lifestyle shisanyama odumile uMax Mqadi.
Lo mnikazi wendawo yokudlela eyaziwayo, obelokhu eletha izivakashi elokishini laseMlazi, udutshulwe yizigebengu ezingaziwa ngemuva kokuphuma endaweni yakhe yokudlela ngoLwesine ebusuku.
Ngemuva kwesigameko uMax ukwazile ukweqa ngokuhamba ngemoto yakhe alibangise ku-Florida Road odumile eThekwini, cishe amakhilomitha angama-20 ukusuka lapho kwenzeke khona isigameko, okuyilapho acele khona usizo futhi waphuthunyiswa esibhedlela enamanxeba amabili okudutshulwa, ngokusho kwamaphoyisa.
Njengoba kuthiwa uMax usengcono futhi uyalulama esibhedlela sendawo, imininingwane emisha esabalala ezinkundleni zokuxhumana ikhombisa ukuthi lo mlisa oneminyaka engama-51 usindiswe yi-iPhone yakhe, abeyibeke endlebeni ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.
Umyalezo wezokuxhumana oveze uhlobo lomakhalekhukhwini wakwa-Apple onegazi nezingcezu zenhlamvu ubhalwe ukuthi “I-iPhone 12 imvikele yangavumela ukudlulisela inhlamvu ekhanda lakhe njengoba ebisocingweni”.
Amaphoyisa awazange aphawule ngocingo. Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uBrigadier Jay Naicker uthe uMax usesimeni esigculisayo esibhedlela.
“Imbangela yesigameko sokudutshulwa ayikaziwa okwamanje, kanti namaphoyisa azingela abasolwa.”
Izinkabi kuthiwa zimdubule ngesikhathi engena emotweni yakhe, ebipakwe ngaphandle kwaseshisanyama yakhe, ayakha eyisusa kwibhusha elincane, elinegumbi elilodwa ngowe-1990 manje sekuyindawo yokudlela ewina izindondo.
Phambilini uke wabamba imicimbi eseqophelweni eliphezulu, njenge-after party ye-Metro FM, kanye nabantu abaqavile, okubandakanya owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma nendodana yakhe uDuduzane.
Okwamanje, abantu bafisa ukuthi uMax asheshe alulame.
“Namuhla ebusuku, njengoba sizothandaza, ngicela sifake nomfowethu othandekayo uMax nomndeni wakhe ngalesi sikhathi esinzima. Sengathi singangabikho isikhali esenzelwe yena esizophumelela,” kubhala umngani omkhulu kaMax uShauwn Mkhize ekhasini lakhe ezinkundleni zokuxhumana.
Umnikazi weqembu lebhola i-Royal AM usanda kubonakala enikeza abadlali bebhola abawinile imali.
Umthombo wesithombe: Twitter