Dylan Bettencourt
Ikomidi lamazwe angaphandle lama-olimpiki libheka ukwephulwa komthetho ngemuva kokuba uRaven Saunders ephakamise izingalo zakhe ngaphezulu kwasekhanda lakhe.
Umthetho uthi akukho ukusetshenziswa kwezandla okuvunyelwe lapho okutholwa khona izindondo, kodwa owaseMelika kungenzeka ukuba uyiphule kancane imithetho ngesenzo sakhe.
USauders uthole indondo yakhe yokuqala ngokuthi ngokunqoba indondo yesiliva kulo mcimbi omuncane ohleliwe.
Ukusetshenziswa kwezandla kuphenywa yi-IOU ne-World Athletics kusho Mark Adams oyisikhulumi se-IOU etshela izithameli zabezindaba ngoMsombuluko.
Umthetho we-IOU uthi abasubathi bavumelekile ukwenza isenzo sepolitiki enkundleni uma lokho kwenzeka ngaphambi kokuba kuqale umcimbi, kungeke kudale ukuphazamiseka noma kulimaze abancintisana nabo.
USanders uthi u-X ophakanyiswe ngaphezulu kwekhanda lakhe ukhombisa lapho kuhlanganela khona bonke abantu abacindezelwayo.
Umsubathi waseMelika ubhale ku-twitter ngemuva kokuba ezwe amahlebezi asho ukuthi indondo yakhe ingase ithathwe wabhala wathi, bayekeni bazame ukuyithatha. Ngijima ngaphesheya komngcele noma ngabe angikwazi ukubhukuda.
USanders onegama lesidlaliso elithiHulk uthe unethemba lokuba ngumkhuthazi wemiphakathi we-LGBTQ+ yabase-Afrika eMelika kanye nomphakathi waseNIngizimu olwa nesifo sokugula ngokwengqondo. Lo msubathi oneminyaka engama-25 uthe useke wakhuluma ngokuzikhandla kwakhe ekulweni nesifo sokuphazamiseka engqondweni neqembu laseMelika elilwa nengcindezi.
Isinqumo ngalolu daba asikathathwa, kodwa nakanjani kuzobakhona umsindo omkhulu uma indondo ka Sanders ithathwa.
Image source:@NBCNews