I-inter Milan izodayisa umdlali ngemuva kokuba aquleke enkundleni ngenxa yokumelwa inhliziyo ngonyaka odlule

Dylan Bettencourt

Iqembu le-Inter Milan liveze ukuthi kuzofanele lidayise umdlali uChristian Eriksen ngemuva kokuthi lo mdlali amelwe yinhliziyo ngesikhathi edlalela i-Denmark kwi-Euro yangonyaka wezi-2020 ekuqaleni konyaka.

Lo mdlali oneminyaka engama-29 ubudala waquleka ngesikhathi kuqhubeka umdlalo we-Euro yangonyaka wezi-2020 ngesikhathi kubhekene i-Denmark ne-Finland ngoNhlangulana lapho ayedinga khona ukwelashwa okuphuthumayo ukuze asinde enkundleni.

Ngemuva kokuhlaselwa yinhliziyo, ukaputeni wase-Denmark wayenomshini ofakwayo i-cardioverter defibrillator (i-ICD).

Umshini wawusetshenziselwa ukulawula ukushaya kwenhliziyo yakhe ngokuthumela amandla azongena emzimbeni wakhe ukuze ukushaya kwenhliziyo yakhe kwehle ngaphansi kwenani elithile lokushaya ngomzuzu (i-BPM).

Kodwa-ke, imithetho yeligi ye-Serie A ithi akekho umdlali ovunyelwe ukubamba iqhaza uma enethuluzi elifakwe enhliziyweni yakhe, okushiya iqembu le-Milan lingenakho elingakwenza ngaphandle kokuhlukana no-Eriksen.

“Umdlali uvinjelwe okwesikhashana yiziphathimandla zezokwelapha zase-Italy ukuthi adlale kule sizini,” kusho isitatimende se-Inter Milan.

Lo mdlali owayedlalela i-Tottenham Hotspur ne-Ajax kuzomele abheke kwenye indawo uma efuna ukuqhubeka nokudlala ibhola, njengoba amanye amaligi angenayo imihlahlandlela ecacile yokuthi abadlali abanemishini ye-ICD bavumelekile yini ukubamba iqhaza.

UDaley Blind, naye owafakelwa i-ICD ngemuva kokutholakala ukuthi uvuvukele imisipha yenhliziyo, kumanje udlalela i-Ajax asenqobe nayo isicoco amahlandla amabili.

U-Eriksen uchithe cishe amasizini ayisikhombisa e-England neqembu lase-London i-Tottenham Hotspur ngaphambi kokuthi aye ku-Inter Milan ngoMasingana ngonyaka wezi-2020 eyohola imali eyizigidi ezi-345 zamarandi.

Umthombo wesithombe: @EuroSport

Izihloko zakamuva