I-Inter iguqise iMilan kowandulela owamanqamu weChampions League 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

ISan Siro inqobe kwathula kwathi cwaka ngamagoli amabili okuqala e-Inter ngoLwesithathu ebusuku emlenzeni wokuqala kowandulela owamanqamu we-Champions League.

Yize iwine ngo 2-0 i-Inter iyazi ukuthi umdlalo wayo wokugcina we-Champions League derby awukapheli.

Ubuso obujwayelekile base-Europe benza umonakalo njengoba i-Inter Milan ibe iqembu lesine emlandweni ukushaya amagoli amabili emizuzwini engu-11 kuqale umdlalo owandulela owamanqamu we-Champions League.

Kube u-Eden Dzeko ovule inkundla ngemizuzu eyisishiyagalombili nje kuphela umdlalo uqalile njengoba lo mdlali owayedlalela i-Manchester City ekhahlelele ibhola phezulu ekhoneni ngonyawo lwesobunxele.

Emizuzwini emithathu kamuva igoli lishaywe omunye umdlali owayedlalela i-Manchester United uHenrikh Mkhitaryan oshiye i-A.C Milan idangele.

Bekuzoba iphupho elibi ukube i-Inter inikezwe iphenathi ngemuva nje kwesigamu sehora.

ULautaro Martinez udlaliswe kabi ebhokisini unompempe walikhomba kwiphenathi.

Kodwa-ke, injabulo kube ngeyesikhashana njengoba i-VAR iphikise isinqumo sikanompempe oye waphoqeleka ukuthi  ahoxise isinqumo sakhe.

I-Inter ibambelele emdlalweni yize i-A.C Milan ize ngamandla esiwombeni sesibili ikakhulukazi ngemuva kokungena kukaDivock Origi ehoreni umdlalo uqalile.

i-Inter izoba nomsebenzi onzima ngesonto elizayo uma ifinyelela kowamanqamu wayo wokuqala kusukela ngo-2007 kodwa-ke, kudingeka ukuziqeqesha okunzima uma la maqembu ehlangana futhi ezinsukwini eziyisithupha.

Esithombeni esingenhla: uHenrikh Mkhitaryan

Umthombo wesithombe: @Inter

Izihloko zakamuva