I-India seyidlule iChina ngobuningi babantu

Lubhalwe intatheli yeScrolla

I-India isidlula i-China ngokuba yizwe elinabantu abaningi emhlabeni jikelele. 

I-United Nations ikuqinisekisile lokhu esilinganisweni sayo sakamuva sabantu, okuveze ukuthi inani labantu base-India lihleli ku-1 425 775 850!

Lolu ushintsho olukhulu kakhulu kwizibalo zabantu emhlabeni jikelele kusukela kwaqalwa amarekhodi futhi konke lokhu kungenxa yezinga lokuzalwa kwezingane elikhuphukayo lase-India.

Njengoba kufike emhlabeni izingane ezingu-86,000 nsuku zonke e-India, akumangalisi ukuthi isibalo sesidlula abantu base-China. Umgomo oqinile wase-China wokuba nengane eyodwa wehlise isibalo sabantu .

Ochwepheshe baze babikezela ukuthi ngonyaka ka-2100, i-Nigeria izoba iyizwe elilandelayo elizodlula inani labantu base-China.

Inani labantu base-India liye landa ngaphezu kwezigidigidi kusukela ngo-1950 futhi akubonakali lizoma maduzane! Iphrojekthi ye-UN iveza ukuthi inani labantu base-India lizofinyelela ku-1.7 billion ngo-2064.

Lokhu kuguquguquka okukhulu kwenani labantu emhlabeni wonke kungenzeka kufake ingcindezi kuhulumeni wase-India ukuthi enze ukubalwa kwabantu. Naphezu kokuba ngelinye lamazwe elinomnotho okhula ngokushesha emhlabeni, i-India isazabalaza nokuntuleka kwemisebenzi kwentsha futhi bangaphansi kuka-50% abantu base-India abadala abasebenzayo.

Lesi yisikhathi esiyingqopha-mlando e-India kanye nomhlaba wonke. Kuzoba nomthelela omkhulu emnothweni wamazwe womabili nasemphakathini.

Izihloko zakamuva